UPapa uxwayisa ngesikhathi esinzima esizayo 

UPope Francis uxwayise ngokuthi kunezikhathi zobumnyama ezizayo kubantu.

UMphathi weBandla lamaKhatholika unikeze inkulumo ebuhlungu ngesikhathi kukhunjulwa  uMariya emkhosini we-Our Lady Guadalupe, obungoMsombuluko.

“Sidlula esikhathini esibuhlungu, esigcwele ukuxokozela kwempi, ukungabi nabulungiswa okwandayo, indlala, ubumpofu kanye nokuhlupheka,” kusho lo mfundisi (85) enezela ngokuthi izinto zizoba zimbi nakakhulu, kubika i-Daily Mail.

Yebo, ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine, impi yombango yase-Ethiopia, usongo lobhubhane lomhlaba wonke, ukuwohloka komnotho emhlabeni wonke kanye nezinhlekelele zemvelo ezivamile, akukubi njengokuzoya.

Ehlanganyela ngombono wakhe womhlaba nebandla elise-Vatican ngeSonto, uPapa wengeze ngokuthi nakuba lo mkhathi ubonakala ufiphele futhi uphazamisa, uKhisimusi isikhathi lapho uNkulunkulu eyokwehla khona “asitshele ukuthi nalesi isikhathi esihle sensindiso.”

Eqhubeka nenkulumo yakhe, ucele ibandla ukuba liphume liyohlangana “nabanye abafowethu nodadewethu asebekhohliwe nabalahlwe imiphakathi yethu ethengwayo nengenandaba.

“Njengamakholwa kaKristu, kuwumthwalo wethu ukuba ngofakazi abathembekile bothando lukaJesu Kristu kanye nabalingiswa ababalulekile ekwakheni isiko elisha,” engeza.

Ngomhlaka-12 kuZibandlela usuku lapho  uMaria abonakala ngalo kowesilisa obizwa ngokuthi uSaint Juan Diego, e-Mexico City ngo-1531. Lolu suku luyiholide likazwelonke e-Mexico.

Luhlanganiswe nguKamogelo Olaitan

Esithombeni esingenhla: UPope uFrancis

Umthombo wesithombe: Daily Mail

Izihloko zakamuva