UPope uFrancis ubekwe ngesizotha e-Rome

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Babalelwa ku-250 000 abantu abebehambele umngcwabo, okuhlanganisa nabaholi bomhlaba nabampofu bezohlonipha okokugcina uPope Francis.

Umngcwabo wakhe e-Basilica e-Saint Mary Major ubunesizotha nenhlonipho.

UPope uFrancis ungcwatshwe ethuneni eliphansi e-Basilica e-Saint Mary Major e-Rome ngendlela abefuna ngayo elula, ethobekile, futhi engenakho ubukhazikhazi.

NgoMgqibelo ngomhlaka-26 kuMbasa ka-2025, abantu abangaba ngu-250,000, abacebile nabampofu, bahlangana ukuze bavalelise.

UKhadinali Giovanni Battista Re uthe uFrancis ubenguPope phakathi kwabantu, enenhliziyo evulekile kuwo wonke umuntu,” ngokusho kwemibiko.

Ngemuva kwemisa yomngcwabo e-St Peter’s Square, ibhokisi likaFrancis lihanjiswe layiswa esontweni ukuze angcwatshwe ngasese.

Ngenkathi abaholi bomhlaba kanye nabasebukhosini bekukhona, yiziboshwa, abantu abashintsha ubulili, abafuduki nabampofu ababemamukela esontweni.

UPope ongasekho wayehlale egcizelela ukuthi angabonwa njengomuntu omkhulu, kodwa njengompristi wabantu bonke.

Umkhosi wakhe wokugcina ubuveza isifiso sakhe.

Abaholi abavela emhlabeni wonke okuhlanganisa uMengameli waseMelika uDonald Trump, uMengameli wase-Argentina uJavier Milei noMengameli wase-France u-Emmanuel Macron bebehloniphe umngcwabo.

I-Vatican ithe bekukhona izithunywa ezingu-164, okuhlanganisa nezinhloko zezwe ezingu-54 nababusi abangu-12.

Izinkulungwane zabantu abebezohlonipha umngcwaba band amahora ngezinsuku ezintathu ukuze babone isidumbu sikaFrancis, egqoke izingubo ezibomvu ezilula nezicathulo ezimnyama, okuwuphawu lokugcina lwendlela yakhe yokuphila enesizotha.

I-Vatican igcine i-basilica ivuliwe ubusuku bonke ngenxa yabantu abebebaningi.

Omunye obe ngowokugcina, u-Angele Bilegue, uthe uvakashele ibhokisi likaFrancis izikhathi ezintathu. “Wayengumngane wami,” esho ekhala.

Ngaphakathi ebhokisini, uFrancis ugcwatshwe ngendwangu emhlophe ebusweni bakhe, isikhwama sezinhlamvu zemali esenziwa ngesikhathi se-papacy, kanye nekhasi elilodwa elixoxa indaba yempilo yakhe -kusukela ekuqaleni kwakhe e-Argentina kuya eminyakeni yakhe njengoPope.

Omakhelwane u-Aurelia Ballarini, (72), kanye noFrancesca Codato (78),nabo beza ukuzovalelisa. UBallarini uthe ubebona uFrancis njengomkhulu futhi akakwazanga ukukhala. UCodato uthe uzizwa enecala ngokungamangi ekuqaleni kodwa manje useyabuqonda ubuntu bakhe.

Khonamanjalo, ama-cardinals Lungisane isinyathelo esikhulu esilandelayo sokukhetha uPope omusha. Izingxoxo ezisemthethweni zizoqala ngemuva kokuphela kwesikhathi sokuzila esiyizinsuku eziyisishiyagalolunye ngomhlaka-5 kuNhlaba.

Ezokuphepha beziqinile e-Rome, njengoba bekutshalwe amaphoyisa namasosha angaphezu kuka-4,000 kanye nezindiza zempi zilindile. Izikhulu zilindele abantu ababalelwa ku-300,000 endleleni eya e-basilica.

Ithuna likaPopr uFrancis limakwe nje ngokuthi “uFranciscus” etsheni lemabula njengoba ebecelile.

NgeSonto ama-cardinals azobuyela e-basilica ukuze bathandaze ngaphambi kwesithonjana sikaMadonna uFrancis ayesithanda kakhulu.

Esithombeni esingenhla: UPope Francis.

Umthombo wesithombe: @francisus

Izihloko zakamuva