Lubhalwe nguMichael Madyira
UPitso Mosimane uzobhekana ne-Al Nassr kaCristiano Ronaldo ngesizini ezayo ngemuva kokuhola i-Al Ahli ukuthi ibuyele kwi-Saudi Pro League.
I-Al Ahli iwine ngo 2-1 ekuhambeni e-Hajer ngoLwesithathu ukuze iphinde ibambe indawo ephezulu ku-Division 1 nokuthi ikhushulelwe kwiligi ephezulu njengoba isalelwe imidlalo emine.
Ngesizini yakhe yokuqala esebenza e-Saudi Arabia, uMosimane owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns uhole i-Al Ahli yabuyela esigabeni esiphezulu ngemuva kokuhlala isizini eyodwa kuphela esigabeni esiphansi.
Owake waba umqeqeshi weBafana Bafana usezimisele ngokubhekana neqembu likaRonaldo, i-Al Nassr ngesizini ezayo.
Lena ngenye impumelelo kaMosimane ophinde wajabulela impumelelo e-Egypt ne-Al Ahly ngaphambi kokudlulela kwi-Persian Gulf.
“Navy Seals,” kusho uMosimane ekhuluma nabasebenzi bakhe bakuleli kwi-Al Ahli.
“Sethula amaphrojekthi amakhulu kunoma iyiphi iligi, izwe noma izwekazi. Lethani noma yini ifulegi lihlezi linathi.”
Ngaphambi kokuthi ajoyine i-Al Ahli uMosimane ubemataniswa neqembu lase-Morocco i-Wydad Casablanca kanti abaphathi bakhe bathi naye ubefunwa yizwe elingadalulwanga igama ukuze asebenze eqenjini lesizwe.
Uyaziphendulela kubagxeki abazame ukumthena amandla ngemuva kokuthi afike e-Saudi Arabia ngoMandulo odlule ngesikhathi ebhekene nomsebenzi omkhulu wokubuyisela iqembu kwi-Pro League phakathi kobunzima bangaphandle kwenkundla.
“Basitshela ukuthi lento esiyenzayo angeke iphumelele nokuthi iqembu linezinkinga eziningi [zokuphatha, ezezimali njll],” kusho uMosimane.
“Kodwa ngesibindi sawuthatha lo msebenzi kungakhathaliseki ukuthi kunjani. Baphinde basitshela ukuthi ngeke sikwazi ukuvusa leli qembu eliwile. Sasisebenza kanzima nsuku zonke futhi siwubheke ngabomvu umdlalo wanamhlanje ebusuku [ngoLwesithathu] iqembu livukile.”
I-Al Ahli iyiqembu elisatshwa kakhulu e-Saudi Arabia futhi isiwine izicoco ze-Pro League eziyisishiyagalolunye kusukela ngo-1963.
Esithombeni esingenhla: UPitso Mosimane
Umthombo wesithombe: Al Ahli