UPitso uthathwa njengomqeqeshi we-Al Ahly ohamba phambili

Menzi Magubane

Ngemuva kokusiza i-Al Ahly ukuthi ithole izindondo zethusi ngokulandelana kwi-Fifa Club World Cup, kuthiwa uPitso Mosimane ubonwa njengomqeqeshi ophumelele ukudlula bonke emlandweni weqembu.

Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika usedlule uManuel Jose, owaba ngumqeqeshi wokuqala ukuholela i-Red Devils endaweni yesithathu esigabeni somhlaba ngo-2006.

UJose, ongumPutukezi, usathathwa njengomqeqeshi ohamba phambili kuleli qembu ngemuva kokuwina izindondo ezingu-20 emiqhudelwaneni emithathu eyahlukene neqembu.

Kwabanye uMosimane usezingeni elilodwa noJose futhi kungenzeka  abonakale engcono kunaye uma ehlala kuleli qembu.

Samsung Galaxy 14G

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-57 ubudala usezokwengeza isikhathi sakhe sokuhlala e-Egypt. Abamele i-MT Sport Agency, eholwa ngunkosikazi wakhe uMoira, sebezophothula izingxoxo zesivumelwano esisha, esingahle simenze athole u-R2,5 million ngenyanga, ngokusho kwemibiko yase-Egypt.

Njengoba isiphelile i-Club World Cup, ukwelulwa kwenkontileka kulindeleke ukuthi kuphothulwe maduze njengoba isivumelwano sakhe esikhona manje siphela ngoNhlangulana.

Umgcinimafa wekilabhu uKhaled Mortagy utshele i-ONTime Sport TV ngeSonto ukuthi isinqumo sisezandleni zikaMahmoud El-Khatib kanye nekomiti lokuhlela leqembu.

“Akungatshazwa ukuthi uMosimane usefeze okuningi,” kusho uMortagy.

Wengeze ngokuthi u-El-Khatib umtshele ukuthi uma nje iqembu libuyela e-Cairo, ikhasi le-Club World Cup lizovalwa futhi bazogxila kwisicoco se-Champions League se-11.

Esikhathini esingaphansi kweminyaka emibili ekuleli qembu, uMosimane usewine izindondo eziyisithupha – izicoco ze-CAF Champions League zilandelana, ezimbili ze-CAF Super Cups, Egypt League, ne-Egypt Cup.

Khonamanjalo, ngoMgqibelo ebusuku uMosimane uhambe nendondo yango-2022 ye-Ubuntu Sports Diplomacy ngemuva kokusebenza kahle kwakhe e-Egypt.

Umthombo wesithombe: @AlAhly

Scrolla World Cup Quiz