UPitso ulaxaze iqembu lakhe

UPitso Mosimane ulaxaze i-Al Ahli Saudi ngokunqamula inkontileka yakhe neqembu ngemuva kwezinyanga ezimbalwa engaholi. 

UMosimane ufeze isithembiso sakhe wasiza i-Al Ahli ingene ku-Saudi Pro League okuyiligi ephezulu yezwe, wanqoba i-Saudi Arabian First Division okuyiligi esezingeni lesibili.

Ngaphandle kokufeza isithembiso sakhe ngethemba lokukhushulelwa isikhundla, uMosimane nabasebenzi bakhe kuthiwa banezinyanga bengaholile. Kuthiwa leli qembu ligcine ukukhokhela lo mqeqeshi owake waqeqesha iBafana Bafana ngoMasingana.

Njengoba i-Al Ahli ibonakala idonsa kanzima ngokwezimali, i-SABC Sport ibike ukuthi uMosimane usenqume ukuyinqamula inkontileka yakhe neqembu.

Umbiko uphinde waveza ukuthi owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns wathumela incwadi ku-Al Ahli cishe ezinsukwini ezingu-15 ezedlule ngethimba lakhe labammeli. 

Isinqumo sikaMosimane siza ngemuva kokudalula ukuthi inkontileka yakhe eqenjini lase-Saudi Arabia ithi uzosayina uma iqembu lingangena ku-Saudi Pro League.

Nokho, imibiko iveze ukuthi abaphathi be-Al Ahli abafuni uMosimane aqhubeke nokuba ngumqeqeshi futhi sebevele bathungatha ozovala isikhala sakhe.

Ngaphezu kwalokho, iqembu  lase-Jeddah linamacala amaningi abhekene nalo ahlanganisa imiholo engakhokhiwe kanye nezimali zokudlulisa kwabadlali. Lokhu sekuholele ekutheni leli qembu livalwe ukusayinisa abadlali.

KuMosimane imibiko iveze ukuthi isigaba esilandelayo kuzoba ukudlulisa enye incwadi ezosho ukuthi kumele kukhokhelwe ithimba lonke labaqeqeshi ngokunqoba iligi nokukhuphule iqembu. Noma imaphi amanye amabhalansi akweletwayo adinga ukugcwaliswa.

Ukuhoxa komqeqeshi osewine i-CAF Champions League amahlandla amathathu kanti ne-Fifa izokwaziswa. Imithetho ye-Fifa ithi uma umdlali noma ilungu lethimba lezobuchwepheshe lingakhokhelwa izinyanga ezimbili, unezizathu zokunqamula inkontileka. 

Khonamanjalo, umsebenzi omuhle kaMosimane ubonakalile esigabeni sesibili sase-Saudi. Uhlomule indondo njengomqeqeshi owenze kahle kakhulu ngoNhlaba.

Kanti useke wahlabana ngendondo yokuba ngumqeqeshi ovelele wenyanga ngoNhlolanja.

Lo mqeqeshi oqeqesha i-Al Ahly okwamanje akasebenzi kanti muva nje uthe ucabanga ukubuyela kuleli.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff

Osesithombeni esingenhla: UPitso Mosimane

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva