UPitso ukhala ngokungakhokhelwa yi-Al Ahli

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Owayengumqeqeshi weBafana Bafana, uPitso Mosimane usefake isikhalazo ku-Fifa mayelana nokubikwa kwezinyanga eziyisithupha zokungaholelwa kanye nezinkinga zenkontileka ngesikhathi eseqenjini lase-Saudi Arabia, i-Al Ahli.

Ngemuva kokuwina isicoco esigabeni sesibili nokukhuphukela ku-Saudi Pro League, uMosimane uxoshwe yi-Al Ahli.

Njengamanje useqeqesha i-Al Wahda yase-UAE.

Yize eqhubekele phambili, lo mqeqeshi (58) kubikwa ukuthi uyasiphikisa isinqumo seqembu lakhe lakudala sokumdedela ethi ukwelulwa kwenkontileka bekumele kuqale ngokuzenzakalelayo.

“Ngokwemithombo yethu, uPitso Mosimane uchaze esikhalweni sakhe ukuthi inkontileka ephothulwe ne-Al Ahli izokwelulwa ngokuzenzekelayo ngesizini yesibili,” kusho umbiko we-Arriyadiyah yase-Saudi.

“Lokhu kungaba ngaphandle kwesidingo sokusayina izinkontileka ezintsha noma ukuthumela i-imeyili enesifiso somqeqeshi kanye neseqembu uma kwenzeka iqembu liphumelela ukukhushulelwa esikhundleni.”

Lo mqeqeshi owaduma ngokuqeqesha iMamelodi Sundowns ukhale ngokungakhokhelwa yena nethimba lakhe elisimzayo.

“Isikhalo somqeqeshi besihlanganisa nokuthi akazange ahole izinyanga eziyisithupha ngesizini edlule futhi akaze athole ngisho nebhonasi yokukhushulelwa esikhundleni,” kusho umbiko.

“Kulindeleke ukuthi i-International Federation ikhulume neqembu lase-Saudi Arabia mayelana nalokhu ukuze icacise izizathu zokunqanyulwa kwenkontileka yowaseNingizimu Afrika.”

Esithombeni esingenhla: UPitso Mosimane

Umthombo wesithombe: @unplayableza

Izihloko zakamuva