Menzi Magubane
Akekho umqeqeshi wakuleli osohlwini lokuthatha isikhundla esingenamuntu somqeqeshi weBafana Bafana.
I-Safa National Executive Committee izohlangana ngoMgqibelo ukudingida ozongenela ukhetho.
“I-NEC izobheka izincomo ezethulwe yikomidi lobuchwepheshe ngalesi skhundla esingenamuntu,” kusho okhulumela i-Safa uDominic Chimhavi etshela i-Soccer Laduma.
Umhlangano kulindeleke ukuthi unikeze inkomba ecacile yokuthi ngubani ozobamba izintambo uma iBafana isidlala umdlalo wayo wokuhlungela iNdebe Yomhlaba ye-FIFA neZimbabwe ngoNhlangulana.
I-Safa iphoqeleke ukuthi ikhethe abaqeqeshi bakwamanye amazwe ngemuva kokuthi uPitso Mosimane enqabe isicelo sabo, ethi izifiso zakhe azihambelani nezeqembu lesizwe.
Igama likaBenni McCarthy nalo belisohlwini kodwa wazizwa engakalilungeli ibhola lomhlaba.
Ngaphezu kwalokho, AmaZulu afune izigidi ezi-R2 ku-Safa ukuze adedele uMcCarthy kwinkontileka yakhe.
Kuphutshuke uhlu lwamagama obeluqukethe igama likaCarlos Queiroz odabuka e-Mozambique, uHerve Renard wase-France noHugo Broos wase-Belgium.
I-Safa ithole izicelo ezingaphezu kwama-200 zalo msebenzi.
UQueiroz, olijwayele ibhola lakuleli kukholakala ukuthi uyintandokazi enamandla.
Ukuqala kwakhe ukungena ebholeni laseNingizimu Afrika kwaba ngowe-2000 njengomqeqeshi weBafana. Wahlala iminyaka emibili kanti impumelelo yakhe kwaba ukuhola iBafana ukuthi ilungele iNdebe Yomhlaba ye-FIFA eyayise-Japan nase-Korea ngowe-2002, lapho eyakhishwa khona esigabeni samaqoqo.
URenard ungumqeqeshi wokuqala ukunqoba izicoco ezimbili ze-CAF Africa Cup of Nations namazwe ehlukene, okubalwa iZambia ngowe-2012 ne-Ivory Coast ngowe-2015.
UBroos wahola iCameroon ekunqobeni kwayo kwesihlanu ku-Afcon e-Gabon ngowe-2017.
Umthombo wesithombe: @playbet