Menzi Magubane
I-Al Ahly inenebule i-Kaizer Chiefs ngo 3-0 kowamanqamu we-CAF, kodwa manje njengoba umqeqeshi uPitso Mosimane esewuphethile lo msebenzi, usezimisele kakhulu kunakuqala.
Labo abake bahlangana noPitso bayazi ukuthi uma ebeka umqondo wakhe ekuzuzeni okuthile, kunzima kakhulu ukumenza ukuba ashintshe umqondo wakhe.
Manje lo mqeqeshi oneminyaka engama-56 ubudala usefuna ukufinyelela kwiNdebe Yomhlaba ye-FIFA Club futhi uma ekwazile ukukwenza lokho uzoba ngowokuqala wase-Afrika ukufeza lokho.
Engxoxweni yakhe nesiteshi sikamabonakude sase-Egypt i-Al Nahar ngemuva kokunqoba kwakhe kwi-Champions League, uthe wayethembise abalandeli isicoco se-CAF Champions League ngemuva kokuthi benqobe i-CAF Super Cup.
“Ngadlulisela leso sithembiso kubadlali ukubakhuthaza,” kusho yena.
“Kufanele ngibe umthombo wamandla amahle eqenjini. Ngiyakholelwa emathubeni ethu okunqoba iNdebe Yomhlaba ye-FIFA Club noma ngabe kubonakala kungenakwenzeka kwabanye.”
Sekungokweshumi i-Al Ahly idla isicoco se-CAF, uMosimane eba ngumqeqeshi wesibili weqembu ukuyinqoba kulandelana ngemuva kukaManuel Jose ngowezi-2005 nangowezi-2006.
Alikho iqembu lase-Afrika elike lawina iNdebe Yomhlaba ye-FIFA Club okwamanje, ngaphandle kweqembu lase-Afrika i-TP Mazembe yase-Congo eyacishe yafeza lokho ngesikhathi ihlulwa yi-Inter Milan kowamanqamu ngowezi-2010.
I-Ahly yaqeda endaweni yesithathu kabili kuphela eNdebeni yoMhlaba, okokuqala ngowezi-2006 (beqeqeshwa uJose) kwathi okwesibili ngowezi-2020 beqeqeshwa uMosimane.
Umthombo wesithombe: @africafactzone