Linda Ximba
Kuningi asekunqobile uPitso Mosimane kwelase-Afrika, kodwa uyama kwelokuthi akabhekile ukuthatha umsebenzi wokuyoqeqesha e-Europe okwamanje.
Yize esezuze zonke izindebe azithola e-Afrika ne-Al Ahly, lo somaqhinga osezingeni eliphezulu futhi onobuhlakani akajahile.
Uthe kuningi okusamele akwenze ezwenikazi azalelwa kulo.
Selokhu afika esuka kwi-Mamelodi Sundowns ngasekupheleni komkhankaso wakhe wokugcina, uMosimane usize i-Al Ahly inqobe izindondo ezimbili ze-CAF Champions League, i-CAF Super Cup, i-Egypt Cup futhi wadla ubhedu kwi-FIFA Club World Cup.
Ekhuluma ne-SAfm ngoLwesihlanu, uMosimane uchaze ukuthi kungani eshiye ukunethezeka kweNingizimu Afrika wayothatha umsebenzi wase-Egypt.
“Bengifuna ukuqonda ibhola lomhlaba wonke njengomqeqeshi. Ngesikhathi ngidlala ibhola eYurophu nase-Qatar, i-Zamalek ne-Al-Ahly babezinqoba zonke izicoco. Bengifuna ukwazi ukuthi yini le ebenza babe ngabahamba phambili kangaka,” kusho yena.
“Iligi ehamba phambili eYurophu yi-Premier League, ibhola elisezingeni eliphezulu lidlalwa ku-La Liga kanti abaqeqeshi abaningi abahlakaniphile baphuma ku-Bundesliga. Kodwa angikhathazekile ngokuya lapho, ngenelisekile futhi ngijabule ngenginakho,” kusho yena.
Lo mqeqeshi owake waqeqesha iBafana Bafana uphinde wadalula ukuthi uzoliqinisa iqembu lakhe ngokusayinisa umdlali waseNingizimu Afrika.
“Nakanjani ngizoletha owakuleli, kodwa ngeke kube nguThembinkosi Lorch ovela ku-Orlando Pirates, noma uGaston Sirino we-Sundowns, kodwa kukhona umdlali ozoza. Kodwa ngifuna ukwenza ngendlela efanele.
“Ngesikhathi ngifuna uSirino bathe ngiphuca iqembu lami lakudala umdlali onamava yize i-Ahly yayimfuna ngingakafiki.”
UMosimane neqembu lakhe banethuba lokuzitholela eminye imiqhudelwano ekupheleni kwesizini. Njengamanje basendaweni yesibili etafuleni leligi, basale ngamaphuzu ayisishiyagalolunye ku-Zamalek abasasalelwe imidlalo emithathu.
Umthombo wesithombe: @IDiskiTimes