Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ababukeli basindise usuku ngemuva kokulimala kanzima komdlali okwenzeke emdlalweni we-Eswatini Premier League ngoMgqibelo.
I-Manzini Wanderers ibibhekene ne-Denver Sundowns. Ngesikhathi umdlali ewa imizuzu engu-20 umdlalo uqalile, unompempe uye wabiza isithuthi seziguli.
Okumangaze bonke abebekhona enkundleni yezemidlalo i-Prince of Wales e-Mbabane ukuthi isithuthi seziguli sehlulekile ukuduma.
Iligi isheshe yahlengwa kunoma yikuphi ukuphoxeka ngesikhathi abalandeli bengena enkundleni bezibambela mathupha.
Abalandeli bayiphusha imoto ethutha iziguli yaze yaduma futhi umdlali uye wahanjiswa esikhungweni sezokwelapha – kanti lokho kuye kwabakhulula bonke abebebukele.
Umdlalo uphele ngo 1-0 kuwina iManzini Wanderers.
Esithombeni esingenhla: Abalandeli bephusha isithuthi seziguli kwi-Eswatini Premier League
Umthombo wesithombe: @mickyjnr