Uphuphunyelwe isisu osinde edlwengulwa

Moyahabo Mabeba

Uphuphunyelwe isisu owesifazane obekhulelwe wasePolokwane osinde ngokulambisa kade esezodlwengulwa izigebengu.

UBrenda ubekhulelwe ingane yakhe yokuqala ngesikhathi ezithola ebhekene neqembu lezigilamkhuba.

Lo wesifazane oneminyaka engu-22 ubephatheke kabi kangangokuthi uze washonelwa ingane, okumshiye enezibazi ezijulile enhlizweni yakhe.

Elandisa ngalesi sigameko, lona wesifazane uthe ubephuma e-tuck shop elokishini eligcwele ubugebengu e-Mankweng, ngaphandle kwase-Polokwane, ngesikhathi izinsizwa ezine zimvimba endleleni.

Samsung Galaxy 14G

“Ekuqaleni angizange ngimemeze. Bengiseduze nasekhaya ngacabanga  ukuthi ngiphephile. Kodwa-ke ngabona ukuthi ababili babo baphethe imimmese,” usho kanje.

“Bathathe umakhalekhukhwini wami nemali. Base beqala ukungiphulula isisu bangincela namabele ngesikhathi bephakamise imimese. Omunye uthe abangihudulele endaweni ewugwadule lapho abazongidlwengula khona. Ngiye ngabacela ukuthi bangizwele kodwa bebengayingeni leyo,” kuchaza yena.

UBrenda usindiswe yiqulu labafana abebebuya ebholeni abagijimise lezi zigebengu.

“Ngisale ngingagqokile ngaphezulu ngemuva kokuba bebaleke nobhodisi nehembe lami.”

UBrenda uye waphuphunyelwa isisu ezinsukwini ezintathu ngemuva kwalesi sigameko esibuhlungu.

I-Mankweng ingenye yezindawo ezinobugebengu e-Limpopo ekhungethwe udlame lwamaqembu ezigelekeqe nezimpi zezigodi.

Ngezinye izikhathi amaqembu ezigebengu adume kabi abuye agebenge abantu e-Paledi Mall emini kwabha.

Ngemuva kwezigameko zakamuva zobugebengu obunodlame kusungulwe inhlangano elwa nobugebengu, i-Motswikitswiki, ezolwa nobugebengu kuleli lokishi nasezigodini ezingomakhelwane.

Okhulumela i-Motswikitswiki, uPitsi Sehlapelo, uthe banqume ukusungula ithimba elilwa nobugebengu ngemuva kokukhalaza kwezakhamizi.

“Lezi zigelekeqe zihlukumeza abantu.  Ngezimpelasonto ziya enxanxatheleni yezitolo zifike zidakwe ziphinde zidle nezidakamizwa bese ziyalwa zodwa kugcine sekuhlukumezeka nabantu abangenacala”.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe bayitholile imibiko mayelana namaqembu ezigebengu.

“Sibophe amanye amalungu ezigelegeqe ngamacala ehlukene,” usho kanje.

Scrolla World Cup Quiz