UPhumza uyilindele ngabomvu eyeNdebe Yomhlaba yebhola lomnqakiswano

UPhumza Maweni (38), ongumdlali wasemuva webhola lomnqakiswano  kuma-Proteas akakhombisi zimpawu zokwehlisa izinga lokuzimisela njengoba elungiselela ukungenela iNdebe Yomhlaba Yebhola lomnqakiswano yesithathu.

Yize engumdlali omdala kunabo bonke eqenjini laseNingizimu Afrika, ithalente likaMaweni nolwazi lwakhe kumenza abe wusizo olukhulu.

Njengoba eqale umsebenzi wakhe wamazwe ngamazwe sekudlule isikhathi, uMaweni usedlale kumaligi aphezulu ebhola lomnqakiswano e-England nase-Australia okufakazela ikhono lakhe ezingeni eliphezulu.

UMaweni odabuka eKapa, ​​uzimisele ngokuqhubeka nokudlala ngokuncintisana futhi ukholwa ukuthi uya ngokuqina.

Uyaziqhenya ngokudlala ibhola lomnqakiswano elihamba phambili futhi uyayihlonipha indima yakhe njengomholi, esekela abadlali abasebancane eqenjini.

Nakuba eveze ukuthi ukuthatha umhlalaphansi akukho eduze, uyavuma ukuthi lena kuzoba yiNdebe yoMhlaba yebhola lomnqakiswano yakhe yokugcina.

Ukulungiselela imidlalo yeNdebe yoMhlaba kuhlanganisa nokungenela i-Telkom Netball League, lapho uMaweni edlalela khona i-Southern Stings.

Ugxile ekucijeni amakhono akhe nasekuhloleni ukuqina kwakhe ukuze aqinisekise ukuthi usefomini ephezulu kulo mqhudelwano.

Njengoba ama-Proteas eqhudelana ku-Group C ehambisana ne-Jamaica, i-Wales ne-Sri Lanka, kunengcindezi yokuthi abasingathi benze kahle phambi kwabalandeli babo.

UMaweni uyakuqonda okulindelekile kodwa uyalamukela ithuba lokukhombisa ibhola lakhe lomnqakiswano elingcono kakhulu futhi akhuthaze abanye ngokudlala kwakhe. Uhlose ukushiya umthelela omuhle enkundleni futhi enze umndeni wakhe uziqhenye ngaye.

Osesithombeni esingenhla: Phumza Maweni

Izihloko zakamuva