Uphumele obala ngokuthandana nabobulili obufanayo

Dylan Bettencourt

UDaria Kasatkina umdlali wethenisi wesifazane wase-Russia uphumele obala ngokuthi uthandana nomuntu onobulili obufana nobakhe.

Lo msubathi obekwe phezulu kwinombolo yeshumi nambili uveze kwividiyo efakwe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi unobudlelwane obuyimfihlo nowesifazane, kodwa uthi ubesengakwazi ukufihla.

UKasatkina ufake izithombe zakhe nentombi yakhe edlala i-figure skater uNatalia Zabiako ku-Instagram.

Owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala usebenzise leli thuba ukukhuluma ngokumelene nezimo zase-Russia mayelana nokuthandana nobulili obufanayo kanye nokuvinjelwa kwamalungelo e-LGBTQ+ ezweni.

“Kuningi okusadinga ukulungiswa e-Russia,” kusho uKasatkina.

“Le yokuthi siyazithandela ukuphila le mpilo akulona iqiniso. Ngicabanga ukuthi ayikho into elula kulo mhlaba njengokusho ukuthi unemizwa yomuntu onobulili obufana nobakho.”

Iziphathimandla zomdlalo owandulela owamanqamu we-French Open ka-2022 zithe akekho ozokwenza izimpilo zabo zibe nzima ngokuphumela obala ngamabomu ngokuthi uthandana nobulili obufana nobakhe. 

“Uma ibikhona enye indlela esingenza ngayo kungani senza izimpilo zethu zibe nzima kangaka ikakhulukazi e-Russia? Sibe sihloseni ngempela?”

Umthetho wentando yeningi okhuluma ngabantu abathandana nobulili obufanayo owaphasiswa ngo-2013 uvimbela imibhikisho eqondene namalungelo abantu abathandana nobulili obufanayo e-Russia.

Abezomthetho e-Russia bazama ukuvimbela umphakathi we-LGBTQ+ kanye nokuvimbela noma ubani ophumela obala ngemizwa yakhe.

UKasatkina ongahlali e-Russia uthe akasoze akwazi ukukhombisa uthando entombini yakhe emphakathini wangakubo 

“Ukuhlala phezu kwemfihlo engaka kuyasibulala emoyeni kanti ukuphumela obala ikhona okubalulekile nokukhulula umuntu.”

Umdlali webhola uNadya Karpova oveze udaba lwakhe ngokuthi uthandana nomuntu onobulili obufana nobakhe ngenyanga edlule, nguye ogqugquzele uKasatkina ukuthi aphumele obala.

“UNadya akasizanga yena kuphela, kodwa uzosiza nabanye abasabayo ukuphumela obala,” kusho uKasatkina. 

Umthombo wesithombe: @TennisWorld

Izihloko zakamuva