Uphume ngezinkani umphakathi uzoseka abaholi abebevele enkantolo

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Inqwaba yabantu ihlangane ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngoMsombuluko ukuzokweseka abaholi be-Diepsloot Community Forum abebevele phambi kwenkantolo.

ULefa Nkala, uJack Hlongwane, noLoyiso Toyiya babhekene namacala ahlobene nokucekela phansi ingqalasizinda kanye nodlame emphakathini oluhlobene nemibhikisho yakamuva elokishini lase-Gauteng, i-Diepsloot.

Icala elibhekene nabaholi abathathu ababoshwe ngoLwesine ngesonto eledlule, lihlehliselwe uLwesithathu ukuze bafake isicelo sebheyili ngokusemthethweni kanti basagcinwe esitokisini.

Ukuqulwa kwecala enkantolo kuhehe amaphoyisa amaningi kanti izakhamuzi eziqhamuka ezindaweni ezahlukene zaseGoli bezidansa futhi zicula izingoma zomzabalazo njengoba bezisalinde umphumela wenkantolo.

Amaqembu ezombusazwe asebenzise ithuba lokuxoxisana nabavoti ngaphambi koKhetho Lukazwelonke lwango-2024.

I-ActionSA, i-Patriotic Alliance ne-ANC bangabanye bamaqembu abebemelwe ngaphandle kwenkantolo kanye nezakhamizi zase-Diepsloot, e-Cosmo City kanye nedolobha laseGoli.

Ngemuva kokuqulwa kwamacala enkantolo, uMfundisi Thokwane Dithuge ongumholi womphakathi njengamanje utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuboshwa kwalaba baholi abathathu kuyisinyathelo sezepolitiki sokuvala umlomo wabo ezindabeni ezibalulekile zomphakathi.

Ugcizelele ukuthi balwisana nobugebengu emphakathini hhayi nohulumeni, wazwakalisa ukukhathazeka ngokuthi ukuqhubeka kwabo nokuboshwa kungase kubeke umsebenzi wabo engcupheni.

Ukuboshwa kwalaba baholi kulandela imibhikisho esithathe amasonto amaningi e-Diepsloot ephikisana nobugebengu kanye nabokufika abangekho emthethweni njengoba izakhamuzi zibasola ngobugebengu.

UKenny Kunene iphini lomholi we-Patriotic Alliance noyilungu leKomidi leMeya kwezokuthutha edolobheni laseGoli, uvakashele abaholi ababoshiwe esiteshini samaphoyisa e-Johannesburg Central wagxeka uhulumeni ngezinsolo zokusebenzisa amaqhinga okusabisa angesikhathi sobandlululo.

Izakhamizi zifunge zagomela ukuthi zizoqhubeka nemibhikisho kuze kube izimfuno zazo ziyaphendulwa uMengameli Cyril Ramaphosa.

UMfundisi uDithuge uqinisekise umphakathi ukuthi inqwaba yabantu izohlangana enkantolo ngoLwesithathu izokhombisa ukweseka abaholi.

Isithombe esingenhla: Abasolwa abathathu abangabaholi bomphakathi eDiepsloot abebevele enkantolo

Umthombo wesithombe: Bafana Nzimande

Izihloko zakamuva