Arthur Greene
Amakhamera athwebule izithombe ngesikhathi uNdunankulu wase-Haiti ephuma ngesamagundane esontweni ngoMgqibelo evika izinhlamvu ebezibhekiswe kuye.
U-Ariel Henry ube esephuthunyiswa emotweni yakhe ngesikhathi abesilisa abakade behlomile abangaziwa bevulela ngemvula yezinhlamvu bezibhekise kuye, kodwa ukwazile ukuphunyuka engenamyocu. Kube sekulimala ababili kwashona oyedwa ngesikhathi sokuqhuma kwezibhamu.
UHenry ubehambele umcimbi wokugubha inkululeko yase-Haiti ngaphansi kwe-France edolobheni elisenyakatho ne-Gonaïves.
Ngaphambi kwalo mcimbi, umphathi weqembu ebelihlomile wathumela izixwayiso kwabezindaba zendawo esabisa umholi wezwe ukuthi angalinge alubhade edolobheni.
Ihhovisi likaHenry litshele i-Associated Press ukuthi umzamo wokumbulala wenziwe iqeqebana “labaphangi namavukela mbuso”.
Seludlondlobele ngokweqile udlame lwamaqembu ezigelekeqe e-Haiti olwasuswa izingxabano ngemuva kokubulawa kukaMengameli uJovenel Moïse, ngoNtulikazi odlule.
Ithimba lezigelekeqe elalihlomile lagasela emzini kaMoïse ekuseni, bamdubula ngezinhlamvu ezingaphezu kwezingu-12 kwalimala nonkosikazi wakhe, uMartine.
NgoMsombuluko, kuboshwe omunye wabasolwa e-Panama ngesikhathi ezama ukubuyela kwelakubo e-Colombia.
UMario Antonio Palacios, owayeyilungu lebutho lase-Colombia, ucelwe iziphathimandla ukuthi agibele indiza eya eMelika.
Ngemuva kokubulawa kukaMoïse, uPalacios wabe esecasha. Ngaleso sikhathi waba nengxoxo nabezindaba lapho aveza khona ukuthi wayesegumbini lakhe ngesikhathi kubulawa uMengameli, futhi akazi ukuthi ubulawe ngubani.
Umthombo wevidiyo: @eski225