
Dylan Bettencourt
UMengameli wase-Russia uVladimir Putin uphucwe ibhande lakhe elimnyama i-World Taekwondo kulandela ukuhlasela kwakhe e-Ukraine.
“I-World Taekwondo igxeka kakhulu ukuhlaselwa ngesihluku kwezimpilo zabantu abangenacala e-Ukraine, okuphambene nombono we-Taekwondo othi ‘Ukuthula kuyigugu ngaphezu kokunqoba kanye nokunye kwe-World Taekwondo njengenhlonipho nokubekezelelana,” ngokusho kwe-governing body kwisitatimende.
UPutin waklonyeliswa ngebhande elimnyama futhi wenziwa umpetha we-Taekwondo ngesikhathi evakashele eNingizimu ne-Korea ngoLwezi ngonyaka ka-2013.
I-governing body ebusayo yazihlanganisa nesinqumo sekomidi yamazwe ngamazwe yama-olimpiki (IOC) sokuvimba wonke amafulegi namaculo ase-Russia nase-Belarusian ngenxa yezenzo zabo.
Bangeze ngokuthi ngeke kube nemicimbi e-Russia noma e-Belarus.
“I-World Taekwondo izwelana nabantu base-Ukraine, futhi sithemba ukuthi le mpi izophela ngokuthula futhi ngokushesha,”.
Abanye abaholi abake banikezwa amabhande amnyama okuhlonishwa phambilini kuhlanganisa abake baba oMengameli baseMelika uMnu uBarack Obama noDonald Trump. Abaholi base-South Korea, i-Spain, i-Croatia, i-Pakistan, i-Indonesia nase-Honduras nabo bayithola indondo.
I-Russia ibhekene nengwadla yemidlalo yomhlaba njengoba i-Fifa ne-Uefa ngoMsombuluko ebusuku bemise wonke amaqembu akulesi sifunda ukuthi angenele imiqhudelwano yayo.
I-IOC iphakamise ukuthi bonke abasubathi abavela e-Russia nase-Belarus bavinjelwe ukungenela imiqhudelwano.
I-World Rugby imise wonke amaqembu ebhola lombhoxo kulezi zifunda ezimbili njengengxenye yesinqumo esikhulayo sokungayifaki i-Russia kwezemidlalo emhlabeni.
Umthombo wesithombe: @TheWallStreetJournal