Uphoxe izwe lakhe umsubathi obegijima kancane kakhulu

UNgqongqoshe wezeMidlalo wase-Somalia uxolisile waphinde wamisa usihlalo wenhlangano kazwelonke ye-track and field Federation ngokuthumela umsubathi wesifazane ongaqeqeshiwe emqhudelwaneni we-World University Games.

Umsubsthi uNasra Abukar Ali (20) uthathe imizuzwana engaphezu kwengu-20 ukuqeda umjaho we-100m nokuyinto edonse ukunakwa abantu abaningi yaphinde yaphoxa izwe.

Yize eqede endaweni yokugcina uveze ukujabula okancane ngesikhathi efika entanjeni.

UMnyango wezemidlalo uthe awazi ukuthi u-Ali uqokwe kanjani ukuthi angenele umjaho wabesifazane we-100m e-Chengdu, e-China ngoLwesibili.

Ngaphezu kwalokho, kuqubuke izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi unikezwe ithuba lokungenela umncintiswano ngenxa yobudlelwano bakhe nosihlalo we-National Athletics Federation uKhadija Aden Dahir.

UNgqongqoshe useyalele ikomiti lama-Olympic e-Somalia ukuthi limise uDahir njengoba uphenyo luqhubeka.

Inyunyana yamanyuvesi e-Somalia iphikile ukuthi ithumele abasubathi e-China njengengxenye yethimba elisemthethweni lase-Somalia futhi lokhu kuphakamise imibuzo yokuthi kwenzeke kanjani ukuthi u-Ali abambe iqhaza kulo mqhudelwano.

Amavidiyo akhe egijima kancane asabalale ezinkundleni zokuxhumana nokuyinto eyenze ukuthi izwe lonke liphoxeke.

Emjahweni wakhe wokuhlunga u-Ali ushiywe kakhulu ngabanye abasubathi futhi uqede cishe ngemizuzwana eyishumi ngemuva kophume phambili.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UNasra Abukar Ali

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva