Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
UMengameli Cyril Ramaphosa ujube omunye wabalandeli bakhe abamqoka umsebenzi wokusindisa izwe enkingeni kagesi edla umnotho u-R1 billion ngosuku.
UDkt Kgosientsho “Sputla” Ramokgopa obengumphathi wezokutshalwa kwezimali nengqalasizinda ehhovisi likaMengameli uhlonishwe “njengo mphathi wezinhlelo”, kodwa ongeyena ungqongqoshe ngokuphelele.
UGwede Mantashe onguNgqongqoshe wezokuMbiwaphansi nezaMandla ube ngowokuqala ukumchaza njengo mphathi wezinhlelo. Ngokuhamba kwesikhathi ube esesho ukuthi angeke azikhathaze ngokuqokwa kukaNgqongqoshe kagesi. Okuyinto efanelekile.
UMantashe oqokwe kabusha njengoSihlalo kazwelonke we-ANC futhi uhola ithimba elinamandla elifuna ukuqinisekisa ukuthi amalahle ahlala engumthombo wamandla kuleli esikhathini esizayo.
URamakgopa onguSihlalo wesifunda sase-Tshwane owaxoshwa esikhundleni akanawo amandla ezombusazwe angabhekana noMantashe, owesilisa owaziwa kakhulu ngokushesha ekuvezeni ikhono lomnotho obhekelela imvelo.
Kunombolo-49 esigungwini esiphezulu se-ANC esinamalungu angu-87, umphathi wezinhlelo useyingane kwezepolitiki.
URamaphosa wazi kahle ukuthi kunombango wepolitiki wokulawula u-Eskom kanye nomkhakha wezamandla.
Kodwa-ke, usagcizelela ukuthi amkhethile uzokwenza kube lula ukudidiyelwa kwemnyango eminingi nezinhlaka ezithintekayo ekuxazululeni izinkinga esebenzisana nobuholi bakwa-Eskom ukuguqula ukusebenza kweziteshi zikagesi ezikhona futhi kusheshiswe ukuthengwa kwamandla amasha.”
Uthe: “Ukwengamela ngempumelelo impendulo yenkinga kagesi ungqongqoshe oqokiwe uzoba nesibopho sezepolitiki, igunya kanye nokulawula kuzo zonke izici ezibalulekile zoHlelo Lokusebenza Kwezamandla.”
NjengoNgqongqoshe kagesi, uRamokgopa kulindeleke ukuthi aqhube ukwakhiwa kabusha kuka-Eskom ngo-R300 billion, anciphise ukucinywa kukagesi futhi azinzise ukuphakelwa kukagesi ezimbonini nasezimayini zezwe.
Ethula lesi simemezelo e-Union Buildings ePitoli ngoMsombuluko ebusuku, uRamaphosa uthembise ukuthi uzohlomulisa umqaphi wakhe ekucimeni kukagesi ngamandla ngaphansi kwesimo senhlekelele sikazwelonke.
“Ukuze uNgqongqoshe akwazi ukwenza lo msebenzi, ngokwesigaba-97 soMthethosisekelo, ngizodlulisela kuye amandla nemisebenzi ethile equkethwe emthethweni ofanele.
Obunye ubuthakathaka bukaRamokgopa ukuthi akanalo ulwazi ngomkhakha wezimayini zamalahle, umkhakha kagesi kanye nomkhakha wamandla avuselelekayo.
Impi yokuqeda ukucishwa kukagesi ihlanganisa ukutholela u-Eskom amalahle asezingeni eliphezulu.
Umkhakha wezamandla avuselelekayo ulindele ukuthi uNgqongqoshe omusha asheshise ngokuqala kohlaka lokuguquguquka kwamandla kagesi ka-R155 billion.
Osesithombeni esingenhla: UKgosientsho Ramokgopa uqokwe njengoNgqongqoshe Wezamandla kagesi
Umthombo wesithombe: @Kgosientsho_R