Lubhalwe nguLinda Ximba
Umsakazi woKhozi FM uBheka “Beekay” Mchunu ugule esemoyeni okwesibili ezinyangeni ezimbili kulo nyaka.
Lokhu kungemuva kokuthi lo msakazi osemnkantshubomvu ezwe ephethwe into ayibize “ngobuhlungu obungabekezeleleki emphinjeni” ngesikhathi esemoyeni ethula uhlelo oludumile lukamaskandi lwangoMgqibelo uSgiya Ngengoma.
NgoMfumfu kulo nyaka uMchunu udale ukwesaba nokukhathazeka kubalaleli nozakwabo ngesikhathi eqeda uhlelo lwakhe isigubhukane.
Phakathi nohlelo uvele waquleka. Abadidiyeli baye baphoqeleka ukuthi badlale umculo okushiye abalaleli bedidekile. Utakulwe abebevakashele lo msakazo abaye baphuthuma ukuyobiza usizo lwezempilo.
Esikhundleni sakhe kudingeke ukuthi kubizwe uLucky Nkosi ukuze aqhubeke nohlelo.
Nakule mpelasonto uMchunu akakwazanga ukuqeda uhlelo lwakhe lwangehora lesikhombisa ekuseni kuya kwelesishiyagalolunye ekuseni ngemuva kokuphelelwa umoya.
Ubememe abelaphi bendabuko baseThekwini uThulani “Dr 3 Seconds” Nkwanyana no-Andile Khumalo, kusho umthombo ngesikhathi kucaca ukuthi uMchunu ngeke esakwazi ukuqhubeka nohlelo.
Nakhona lapho abaphathi bomsakazo baye baphuthume babiza umdidiyeli wohlelo i-Vuka Breakfast, uNonhlanhla “Mroza” Buthelezi ukuthi aqhubeke nohlelo.
Ethintwa ukuze aphawule ngesimo sakhe sakamuva, uMchunu akathandanga ukukhuluma wabe esedlulisela i-Scrolla.Africa kumnyango wezokuxhumana wakwa-SABC.
Kodwa uMchunu uthe: “Ngivele ngezwa ubuhlungu obungabekezeleleki emphinjeni okwenze kwaba nzima ukuthi izwi lami liphume. Lokhu kubi futhi kuyethusa kodwa ngicela ukhulume nabaphathi.”
UGugu Ntuli wakwa-SABC uvele wathi, “UMroza uthathe uhlelo lukaBeekay.”
Esithombeni esingenhla: Umsakazi woKhozi FM uBeekay Mchunu
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe