Uphinde wabambezeleka owokulawulwa kombuso

Kamogelo Olaitan

Ukukhishwa ngokusemthethweni kombiko wesihlanu weKhomishini yokuLawulwa koMbuso kuzophinde kubambezeleke.

IHhovisi likaMengameli limemezele ngoMsombuluko ukuthi ukukhishwa kombiko kuhlehliswe ngemuva komhlangano obuphakathi kukaMengameli uCyril Ramaphosa noMphathi wamaJaji uRaymond Zondo.

Okhulumela uRamaphosa uVincent Magwenya ubhale ekhasini lakhe laku-Twitter ukuthi uMengameli kanye noZondo baxoxe ngosuku lokukhishwa kombiko wokugcina. “Usuku olusha nesikhathi sokukhishwa kombiko kuzomenyezelwa maduze,” ebhala.

Bekumele lo mbiko udluliselwe kuRamaphosa ngoLwesithathu ngomhlaka-15 kuNhlangulana kodwa waqale wahlehliselwa iSonto ebusuku kanti manje sekunosuku olungaqinisekisiwe.

Kulindeleke ukuthi lowo owayengumphathi wezinhloli u-Arthur Fraser abe ngomunye wabantu abavezwe embikweni. Abanye abahlaziyi bawuhlobanise nesikhalo sikaFraser ngobugebengu asola uRamaphosa ngabo, bephakamisa ukuthi lowo owayengumphathi wezinhloli umatanise isikhathi sokuvela kwaleli hlazo ukuze acekele phansi umbiko kaZondo.

Izihloko zakamuva