Uphila ntotontofo ejele oboshelwe ukubulalela eyemishwalense

Everson Luhanga

Akuyona into entsha, kodwa isiqalo esisha futhi kuyinto evamile ukuthi iziboshwa zikhombise ukuphila kamnandi ejele uma zikwazi ukukukhokhela.

Ngokusho koMnyango woKuhlunyeliswa Kwezimilo.

I-Scrolla.Africa ibuze lo mbuzo ngemuva kokuthi owalahlwa icala lokubulala uRosemary Ndlovu eze eNkantolo yeMantshi yase-Kempton egqoke ubukhazikhazi eluke kahle nasekhanda kanti nasebusweni ubezilungisile emuhle. 

Abaningi bebezibuza ukuthi ngabe usejele noma useholidini esiqhingini esithile sikanokusho njengoba efike enkantolo ezenze ubuso sengathi umuntu ongasona isiboshwa.

Omunye osebenzisa inkundla yezokuxhumana ephawula ngokubukeka okusha kukaNdlovu wathi ijele kumele lisetshenziswe ukuguqula abantu, kodwa uRosemary ushintshe emnyangweni ongafanele. Kufanele aphume ejele esengumuntu wesifazane oshintshile angabe esakucabanga ukubulala amalungu omndeni.

“Kodwa uqhamuke njengowesifazane okhombisa ukuthi uphila kamnandi ejele.”

Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuzwelonke uMnu uSingabakho Nxumalo uthe kukhona izindawo zokuluka nezindawo zokuzivocavoca emajele.

“Izindawo zokucwala izinwele ngezokuthuthukisa amakhono. Akukhona mayelana nokukhiqiza imali. “Izinto zezinwele zithengiswa ezitodlwaneni uma iziboshwa zincamela ukuzisebenzisa ukwenza izinwele zazo.” Ngisho nabanye abantu bangaphandle bayakwazi ukusebenzisa indawo yokucwala izinwele asejele.

“Iziboshwa zikhuthazwa ukuthi zizinakekele, zihlale ziphilile futhi zibe nombono ophusile. Ngakho-ke sinezindawo zokuzivocavoca kwezinye zezikhungo zethu,” kusho uNxumalo.

Scrolla World Cup Quiz