Uphila butebhu umphakathi wenkosi eyavimba intuthuko yaseDubai yezigidi ngezigidi

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sebedla izithukuthuku zabo abantu baseMacambini ngaphansi kukaMasipala wase-Mandeni abagoloza nendawo yabo enothe ngolwandle ngesikhathi kwakunohlelo lokuba bagudluzwe namathuna ukuze baqhelele inkampani yase-Dubai eyayiza nentuthuko ka-R40 billion ngo-2008.

Lo mphakathi waba ngundabamlonyeni emhlabeni jikelele ngesikhathi ulwa noHulumeni waKwaZulu-Natal owawuholwa uDkt Sbu Ndebele. 

UNdebele wayesolwa ngokuvumela i-Ruwaad Holdings yase-Dubai ukuba izothatha umhlaba womphakathi weNkosi uKhayelihle Mathaba.

I-Ruwaad yayihlele ukuthi izokwakha udedangendlale wedolobha elalizobalikhulu ngokuphindwe kayisishiygalombili uma kuqhathaniswa nobubanzi be-Gateway Mall.

Kwakuzothathwa indawo ebalelwa emhlabeni waseMacambini ongama-hector angu-16 000  kwangu-19 000 okusuka olwandle olungasoThukela kuze kuyophuma e-Dokodweni. 

Ibalelwa ku-10 000 imindeni eyayizoshiya imizi yayo kanokusho iyofakwa ezindlini zomxhaso ezikwaSithebe e-Mandeni nezazibekelwe umhlaba omncanyana ongu-500 hectors.

Amathuna ayezogugulwa bese izidumbu namathambo ayofakwa emgodini owodwa.

Nokho konke lokhu kwagcina kubhuntshile ngenxa yolaka lomphakathi neNkosi uMcambi engasekho.

Muva nje i-Scrolla.Africa ihambele e-Macambini yazibonela ukuthi umphakathi uphila ngokuthula nangenjabulo endaweni yawo enolwandle abalusebenzisa ngaphandle kokukhokha.

Leya ndawo abantu bakhe izithabathaba zemizi ebheke ulwandle kanti banamasimu kamoba nawezinye izitshalo nemfuyo okungaphazanyiswa lutho.

INkosi uThulani Mathaba itshele i-Scrolla.Africa ukuthi abazisoli ngokuvimba i-Dubai esizweni sikayise ngoba yayizohluphekisa abantu ngokuthi baphucwe nomhlaba wabo.

“Esingakusho ukuthi noma ngabe ubani ofuna ukuzotshala umnotho lapha e-Macambini, sithi makeze ngendlela eqondile, hhayi ukuzosibukela phansi nokudlala ngabantu bakithi,” kusho  uMathaba.

Impi yase-Macambini nge-Dubai yaholela ekutheni iNkosi uMcambi noNdunankulu uNdebele bavikisane ngezinkantolo.

UNdebele wafaka isimangalo efuna kugezwe igama lakhe ngenhlawulo ka-R5 million.

UMcambi nesizwe sakhe nabo baphindisela bethi bafuna kugezwe igama lenkosi

Izihloko zakamuva