Uphika ezokucwasa owebhola

Dylan Bettencourt

Umphathi we-Liverpool uJurgen Klopp uziphikile izinsolo zokuthi ucwasa abantu basemazweni angaphandle ngemuva kokuphikisana ngokuthi amaqembu anabanikazi base-Saudi Arabia angenza abakufunayo ngokwezezimali.

I-Manchester City iphethwe iPhini likaNdunankulu wase-United Arab Emirates osole u-Klopp ngokucwasa abantu basemazweni angaphandle emazwini akhe okuthi i-Liverpool ngeke isebenzise imali eningi njengezimbangi zabo.

UKlopp uthe amaqembu afana ne-Newcastle United ne-Paris Saint-Germain angenza akufunayo ngokwezimali ngenxa yobunikazi bawo.

Izikhulu zedolobha zithe zithatha le nkulumo njengokucwasa abantu basemazweni angaphandle. 

U-Klopp uziphikile lezi zinsolo.

“Lezi zinsolo ngiyaziphika,”

UKlopp naye obekwe icala lokungaziphathi kahle ngemuva kokunikwa ikhadi elibomvu emdlalweni ne-City uthole izeluleko zomthetho kulandela lezi zinsolo.

Umphathi we-Newcastle u-Eddie Howe uphendule ukuphawula kukaKlopp ethi lo mbono ubungafanele ukwenziwa.

“Wonke umuntu kufanele aqaphele ukuphawula nemibono yakhe,” kusho uHowe.

I-Manchester City isebenzise imali eningi ku-Premier League kusukela yathathwa isikhulu saseSuadi Arabia ngo-2008.

Yize uKlopp engase abe nephuzu lokuthi amaqembu asekelwa i-Gulf asebenzisa imali enkulu, kufanele kubekwe icala kulabo abaphethe ukuphathwa kokusetshenziswa kwezimali.

Uma amaqembu engaphakathi kwemithetho udaba lokusebenzisa imali luba ingxoxo ehluke kakhulu phakathi kwabacebile.

Isithombe esingenhla ngesikaJurgen Klopp

Umthombo wesithombe: @TeamTalk

Izihloko zakamuva