Linda Ximba
I-South African Football Association (i-Safa) izichithile izindaba zokuthi umqeqeshi omusha weBafana Bafana uHugo Broos ngeke abuyele kuleli.
Lo mqeqeshi odabuka e-Belgium usazothatha izintambo kusukela ethulwa njengomphathi weBafana Bafana ngomhla zinhlanu kuNhlaba. Lo somaqhinga oneminyaka engama-69 ubuyele ekhaya ukuyogonyelwa i-Covid-19 okwesibili futhi selokhu aphuthelwa umdlalo wobungani weBafana ne-Uganda ngenyanga edlule kanye nomqhudelwano we-Cosafa Cup osanda kuphothulwa owanqotshwa ngabasingathi base-Gqeberha.
Isikhulu esiphezulu se-Safa uTebogo Motlanthe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ayikho into embi ngokungabibikho kukaBroos. “Cha cha, umqeqeshi useyingxenye enkulu yethu. Njengoba sibonisile ukuthi ubuyele ekhaya ukuze ayogonywa. Sihlala sixoxa naye futhi kulindeleke ukuthi abuyele eNingizimu Afrika ngesonto elizayo.”
“Ukubuya kwakhe kungesikhathi esihle kwazise kuza imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yowezi-2022. Uhlabeke umxhwele ngomsebenzi owenziwe nguHelman Mkhalele nalo lonke iqembu lobuchwepheshe ngesikhathi engekho.”
Isikhulu esiphezulu se-Safa sengeze ngokuthi lo mqeqeshi akakakhokhelwa okwamanje ngenxa yokungaliphathi ngokusemthethweni leli qembu. “Usazodonsa umholo. Uma esebuyile kuzoqala inkontileka yakhe ne-Safa.”
IBafana Bafana kuhlelwe ukuthi ibhekane ne-Zimbabwe ekuhambeni kanti kamuva izokwamukela i-Ghana. UBroos kulindeleke ukuthi abonise inqwaba yabadlali abenze kahle kulo mqhudelwano we-Cosafa.
Lapha kubalwa onozinti baMazulu uVeli Mothwa noSithembele Sithebe, osanda kusayiniswa kuKaizer Chiefs u-Austin Dube kanye no-Ethan Brooks weTS Galaxy.