Uphethe kabuhlungu umgubho we-EFF kushona ilungu leqembu

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Uphethe kabuhlungu umcimbi wokugubha iminyaka eyishumi kwasungulwa i-EFF ngoMgqibelo ebusuku.

Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi ilungu laleli qembu liwe lashona enkundleni yezemidlalo i-FNB e-Soweto.

Kuze kube manje abukho ubufakazi besandla semfene kanti nabazibonele bathi ilungu leqembu belidansa ngesikhathi liwa.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant Colonel Mavela Masondo utshele abezindaba ukuthi kuvulwe idokodo lophenyo ukuze kuphenywe.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuthi umsunguli we-EFF uJulius Malema ethule inkulumo yakhe egcine ngokuthi kuculwe izingoma ezahlukene zesikhathi somzabalazo okubalwa kuzo nengundabamlonyeni ethi-Kill the Boer, kill the Farmer.

Izingoma ezifana nethi Ayesaba Amagwala (Amagwala agijima ngokwesaba) ezihlanganisa amagama athi (Dubula iBhunu) kanye neziqubulo zomzabalazo sekuyiminyaka iqembu lisolwa lingena liphinde liphume ezinkantolo.

Kuze kube manje, i-EFF ikwazile ukuchazela izinkantolo ukuthi iziqubulo namaculo ahlobene neqembu kwakungelona ikhwelo lokulwa nabalimi abamhlophe.

UChristo van der Rheede, oyi-CEO yakwa-Agri SA ukugxekile ukucula kukaMalema ethi, “Kill the Boer, Farmer…” ezweni lapho abalimi beyizisulu zobugebengu obunenzondo.

“Yini ofuna ukuyizuza ngokuqhubeka ucula lawa magama angenazwelo, ahlukanisayo, anenzondo futhi anengekayo? “Okuzuzile nje ukuxosha imizwa futhi uhlukanise izakhamizi zethu,” ebhala encwadini evulelekile ayibhalela uMalema.

“Unephutha uma ucabanga ukuthi uzoqhubekisela phambili udaba lwenkululeko yezomnotho ngokusebenzisa isiqubulo nokucula. Kunalokho, uzozuza okuphambene, okuwubumpofu obengeziwe, usizi nendlala.”

Esithombeni esingenhla: UMalema enkundleni ngesikhathi kunemigubho

Umthombo wesithombe: EFF

Izihloko zakamuva