Uphenyo ngenkulumo kaNgqogqoshe weZempilo

Dylan Bettencourt

UMnyango Wezempilo Kazwelonke usuqalile uphenya ukuphawula kukaNgqongqoshe Wezempilo e-Limpopo uDkt Phophi Ramathuba ngesikhathi ethethisa isiguli sase-Zimbabwe.

Ividiyo esabalele ekhombisa uDkt Ramathuba etshela isiguli okusolakala ukuthi besingenawo amaphepha okungena kuleli ukuthi akumele silashwe lapha.

UMnyango wezeMpilo uthe uNgqongqoshe uJoe Phaahla uphesheya kwezilwandle, kodwa uyalele uMnyango ukuthi umnikeze umbiko ogcwele uma esebuyile.

“Ibamba likaNgqongqoshe wezeMpilo uNksz Angie Motshekga usejube uMnyango ukuthi uqoqe imininingwane ezomsiza ukuthi anikeze uDkt Phaahla umbiko ogcwele ngokubuya kwakhe,” kusho isitatimende somnyango.

Lo wesifazane wase-Zimbabwe kubikwa ukuthi ulimale engozini yemoto e-Harare futhi ubelibangise kuleli ukuze ayokwelashwa.

Ukuphawula kukaRamathuba kuhlukanise abantu abaningi ezweni lonke. Abaningi bakholelwa ukuthi ubeqinisile akushilo abanye bathi abantu bakwamanye amazwe abafike ngokungemthetho abanakusolwa ngokwehluleka kohlelo lwezempilo kuleli.

Esitatimendeni uMnyango uvumile ukuthi uhlelo lokunakekelwa lwezempilo lukahulumeni ludonsa kanzima kwezinye izindawo ukuze linciphise ukusilela emuva ngenxa yesibalo esiphezulu ngendlela engaqondakali yabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ezibhalwe emazweni angomakhelwane abafuna usizo lwezempilo.

“Lokhu akubandakanyi abafuna ukukhoseliswa kanye nalabo ababaleke emazweni abo,” kusho isitatimende.

Ekhuluma nesiguli esilele embhedeni uNgqongqoshe uthe kumele i-Zimbabwe izinakekele ngokwayo udaba lwezempilo ingathembeli kuleli.

Uthe uMengameli wase-Zimbabwe u-Emmerson Mnangagwa ayikho imali ayifakayo ohlelweni lwezempilo lakuleli.

Iqembu eliphikisayo i-EFF liphakamise ukuthi uNgqongqoshe esule esikhundleni ngokuhlaza isiguli ngezinkulumo zokucwasa.

URamathuba nokho umile emazwini akhe echaza ukuthi i-Limpopo inomngcele ne-Zimbabwe.

“Lokhu kudala ukugcwala kwabantu bakwamanye amazwe abaminyanisa uhlelo lwezempilo esifundazweni okuholela ekutheni odokotela basebenze ngaphansi kwengcindezi,” kusho yena.

Uthe ukuphawula kwakhe ngeke kuhunyushwe njengokucwaswa kwabantu abaqhamuka emazweni angaphandle, kodwa kunalokho ubheke izakhamuzi zakuleli ezidinga usizo.

Umthombo wesithombe: @TimesLIVE

Izihloko zakamuva