Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Kusolwa uthishanhloko wase-Daveyton Skills School ngokushona kwabafundi ababili uSiphamandla Peterson (15) noSibusiso Sibiya (17) abaminza e-Rock Falls Adventure Ranch e-Centurion ngoMbasa.
USiphamandla kuthiwa wabaleka esuka kwabanye abafundi waqonda emfuleni i-Hennops waphoseka phakathi kanti uSibusiso wayomhlenga kodwa baminza bobabili.
Uthishanhloko wathumela abafundi abangu-90 ekhempini yokuqondiswa kwezigwegwe ngaphandle kokuthola imvume eMnyangweni wezeMfundo e-Gauteng.
Akazange futhi alandele imithetho ebalulekile yezokuphepha, ngokophenyo lwenziwe yi-Seanego Attorneys – okuyinkampani yabameli ezimele eqokwe wumnyango ukuthi iphenye ngale nhlekelele.
Umseshi uThembekile Graham uthe: “Uthishanhloko wathumela usonhlalakahle oyedwa kuphela ukuthi anakekele abafundi, nokwakunganele. Othisha babengasiyo ingxenye yekhempu kanti usonhlalakahle nabasebenzi bekhempu babengaqeqeshiwe ngokwanele.
“Akazange azihlole iziqu zabo futhi akazange abatshele abazali ngobungozi.”
Uthishanhloko uthe akayazi le mithetho kodwa uphenyo lukuthola kunzima ukukukholwa lokhu kwazise uMnyango usumtshele kabili ngokubaluleka kokuyilandela.
Wasayina ngisho i-memo mayelana nemithetho ngomhlaka-5 kuNhlolanja.
UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMatome Chiloane uthe uMnyango wezeMfundo uzothathela uthishanhloko izinyathelo.
“Sasenza isiqiniseko sokuthi imithetho yezokuphepha ibekiwe ohambweni lwesikole oluya nomaphi, kodwa ubezithathela izinqumo ngaphandle kokutshela isigungu esilawula isikole,” kusho uChiloane.
Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo e-Gauteng uMatome Chiloane kanye nomphenyi uThembekile Graham.
Umthombo: Doreen Mokgolo