Celani Sikhakhane
Usephenduke inhlekisa ezinkundleni zokuxhumana owesilisa obhajise imoto yakhe yohlobo lwe-Range Rover SUV olwandle e-Richards Bay.
Kuvele ukuthi imoto ibisanda kuthengwa ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwesigameko.
Le moto egcine isibhajwe phakathi olwandle – idale isiphithiphithi endaweni yokudoba e-Casuarinas ngobusuku bangaphambi kukaNcibijane lapho ibishayelwa khona ngesivinini esikhulu esihlabathini kukhona nomuntu ovela ophahleni lwemoto.
Kubizwe i-TLB ukuthi izotakula i-Range Rover emanzini kodwa nayo yabhajwa. Le moto ihlale emanzini kusukela ngosuku lukaNcibijane kwaze kwaba yiSonto.
Lesi sigameko siphenduke ihlaya ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene njengoba umnikazi wemoto esolwa ngokuba unontandakubukwa.
Abanye baze benza ihlaya ngokuthi abacabangi ukuthi umshwalense wakhe wemoto uzokwamukela isicelo sokulungisa imoto.
Ikhansela lesigceme uHenning de Wet utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ulwazi alutholile mayelana nemoto ukuthi imoto ayibhalisiwe ngegama lendoda ebishayela.
Uthe le moto ithengwe ngoZibandlela ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kwesigameko.
“Lo mkhuba yinto ejwayelekile kulengxenye yolwandle ngoba ayikho indawo efanele yokupaka futhi nolwandle aluthuthukile kangako, abantu bapaka izimoto zabo etshanini, futhi kulula ukushayela ungene phakathi olwandle,” kusho uDe Wet.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa ase-Richards Bay ayazi ngalesi sigameko kodwa bekungakaboshwa muntu.
“Umsolwa usathungathwa amaphoyisa ngokushayela budedengu,” kusho uColonel Mbhele.
I-Zululand Observer ithole ukuthi umnikazi wemoto uJohan du Plessis.
“Ngenxa yokungena nokuphuma kwegagasi imoto yami iye yaguguleka kakhulu futhi imizamo yokuyikhipha iqhubeke kwaze kwaba ngoMgqibelo lapho isigcine sikhona ukuyitakula. Isondo lami eliyisipele lebiwe emotweni ngoLwesihlanu ebusuku,” kusho uDu Plessis etshela abezindaba.