Uphele ngodlame owase-France

Dylan Bettencourt

Uphele ngodlame umdlalo obuphakathi kwe-Auxerre ne-St Etienne abebebanga indawo yokugcina esigabeni sokuqala sase-France.

Umlenze wokuqala phakathi kwala maqembu womabili uphele zibambene kanti kowesibili azikwazanga ukuhlukana, umdlalo wagcina uye kumaphenalthi.

Ngesikhathi i-Auxerre inqoba  sekukhahlelwa amaphenalthi kuvele injabulo baze baphazanyiswa abalandeli be-St Etienne.

Isimo sivele sashuba ngesikhathi onogada belwa nokuqhunyiswa kweziqhumane esixukwini.

Ngemuva komdlalo abalandeli basekhaya bagasele enkundleni baqondana nabadlali beqembu eliphikisayo bajikijela amalangabi kubadlali be-Auxerre nabasebenzi ngesikhathi bezama ukubalekela emhubheni.

Kutshalwe amaphoyisa ezidubedube ukuhlakaza isixuku kwaze kwabizwa abezicishamlilo ukuthi bazobhekana nokuqubuka komlilo enkundleni ngokusho kwe-RMC Sport.

I-St Etienne ikhishwe ngemuva kokugijima amasizini angu-18 kwi-Ligue 1.

Iqembu elihluliwe likhiphe isitatimende kulandela ukuhlangana ligxeka izenzo zodlame ezenziwa ngabalandeli balo.

“Ngaphezu kohlelo olukhethekile noluqinisiwe lwamaphoyisa acishe abe ngu-500 abalandeli abaningi bahlasele inkundla ngesikhathi kushaywa impempe,” kubhala iqembu esitatimendeni.

“Abanye babenecala lokucekela phansi impahla kanye nodlame olubhekiswe kubadlali, abezokuphepha, amaphoyisa kanye nabalandeli abebezoseka uPierre-Faurand. I-ASSE isekela ngokugcwele labo abathintekile futhi izothatha izinyathelo zomthetho ezidingekayo.”

Akukhona okokuqala i-St Etienne ibhekana nenkinga yezihlwele. Inkundla yabo yavalwa ngenxa yodlame lwabalandeli ngesikhathi bebhekene ne-Monaco ngoMbasa.

I-Europe ibhekane nenkinga yesixuku kuyo yonke isizini kanti lokhu kwenzeka ikakhulukazi uma sekuphela umdlalo kubangwa isicoco futhi ukuhlasela enkundleni sekuvame kakhulu ukwenza kube ingozi.

I-English Premier League ike yabhekana nezinkinga zokuhlaselwa kwenkundla e-Everson, i-Crystal Palace nase-Leeds njengoba isizini iya ngasemaphethelweni.

Abalandeli be-Liverpool babhekane namaphoyisa ase-France ngaphambi komdlalo wamanqamu we-Uefa Champions League ngoMgqibelo ebusuku.

Iziphathimandla kubikwe ukuthi zisebenzise isisi esikhalisa unyembezi nesifutho sikapelepele ukuhlakaza abalandeli be-Liverpool abebezama ukungena e-Stade de France.

Umthombo wesithombe: @SportsWereld

Izihloko zakamuva