Uphele ngengxabano umdlalo oqale ngokuthula 

Umdlalo we-monopoly uwumdlalo oqala kahle, kodwa uphela sekubanjwana ngezihluthu.

Yebo, izindleko zokuqasha izindlu ebhodini le-Monopoly zingakhungathekisa kakhulu.

Nokho umdlalo owodwa obuse-Brussels, e-Belgium uphele sekubanjwana ngezihluthu.

Inkinga iqale ngehora lesihlanu ekuseni ngeSonto ngesikhathi izakhamuzi zibona futhi zizwa abangani abane bedlala umdlalo we-Monopoly endaweni engaphandle kwemizi yabo.

Laba bangani baqale ukubanga umsindo kangangokuthi isakhamuzi esisodwa ebese sikhathele ilo msindo siphumele ngaphandle sabhekana nabo.

Akazange eze yedwa ufike nendodana yakhe futhi ibiphethe inkemba yama-samurai e-Japan.

Kusuke isidumo omunye wabadlali be-Monopoly bezama ukuphuca lo wesilisa inkemba, kubika i-Sky News.

“Omunye wabangani uzame ukubamba inkemba wakhipha i-holster, kodwa indodana yazama ukuyithatha,” kusho amaphoyisa. Kulokhu, inkemba ibalimaze bobabili abesilisa.

Amaphoyisa ase-Brussels aveze ukuthi abesilisa ababili baphuthunyiswe esibhedlela kulandela ukulwa ngenkemba, kodwa akekho oshonile ngenxa yokulimala.

Laba balisa ababili baphinde baboshwa ngalesi sigameko.

Ngakho-ke, ngokuzayo uma ufuna ukudlala i-Monopoly nabangani bakho mhlawumbe kungcono kakhulu ukudlala umdlalo egcekeni lakwakho lapho uzonethezeka khona hhayi emgwaqeni futhi uqinisekise ukuthi azikho izikhali eduze!

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Umdlalo webhodi le-Monopoly

Izihloko zakamuva