Uphele kabi umbhikisho wokuxosha abaphuma emazweni angaphandle

Everson Luhanga

Kulimale abantu abangu-12, kanti abayishumi basesimweni esibucayi ngesikhathi abanikazi bezitolo e-Pan Africa Mall e-Alexandra bevulela ngenhlamvu bebhekise kubabhikishi baselokishini lase-Dudula ngoMsombuluko ebusuku.

Omunye wabashonile kube ngumama okhulelwe odutshulwe ekhanda kwathi owesilisa wadutshulwa emzimbeni. Bobabili baphuthunyiswe emtholampilo obizwa ngeMasakhane e-Alexandra ngoMsombuluko ebusuku.

Lokhu kudubulana kungenzeka kuqinise njengoba kukhona ukungezwani kwabaphuma emazweni angaphandle e-Alex. IDudula Alexandra ifunge yagomela ukuthi izoxosha bonke abantu bangaphandle, ngisho nalabo abakhona ngokusemthethweni. Khonamanjalo, abamele iDudula basola ukuthi isigameko sokudubula esenzeke ngoMsombuluko senziwe ngabanikazi bezitolo zabaphuma emazweni angaphandle.

Okhulumela indawo yaseDudula Alexandra u-Agnes Malatje uthe “ngesikhathi isibhamu sidubula sibheke ngakithi, sonke sibalekile sayocasha.

“Ngithe ngisagijima ngakhubeka ngawa. Owesifazane owayezithwele uwele phezu kwami ngemuva nje kokudutshulwa ekhanda. Kube nesiphithiphithi kangangokuthi asazi nokuthi bangaki abantu abadutshuliwe.

Isibalo sabantu abalimele singaba siningi,” kusho u-Agnes.

UMalatje usole osomabhizinisi bangaphandle kule nxanxathela yezitolo ngesigameko sokudubula.

Uthe amaphoyisa akwazile ukubopha abantu abathathu kwathi umsolwa oyedwa wabaleka.

Akukacaci ukuthi kungani abanikazi bezitolo bevulele ngenhlamvu.

Inhlangano iDudula ibizama ukuvala amabhizinisi abathi aphethwe abaphuma emazweni angaphandle ngokungemthetho. Kodwa futhi basabisa bonke abantu bangaphandle – hhayi nje abangenazo izimvumo ngisho nabanazo.

“Ngeke siyeke ukwenza imisebenzi yethu yansuku zonke,” kusho uMalatje, enezela: 

“Sizoqhubeka kuze kube sibona i-Pan Africa ihlanzekile kubantu bangaphandle futhi abantu bakuleli babuyiselwe umhlaba wabo. Leli izwe lethu futhi sithi i-Alex eyama-Alexandria.”

Ngempelasonto uMalatje ufunge wagomela ukuthi uphiko lwe-Operation Fiyela lendawo kaDudula luzosa bonke abaphuma ngaphandle bengenawo nabanawo amaphepha. “Inqobo nje uma ungeyena owaseNingizimu Afrika, sizokususa ekuqhubeni ibhizinisi e-Alex,” etshela i-Scrolla.Africa ngeSonto.

Ngempelasonto kuke kwanyakaza ezinye izingxenye ze-Gauteng ngezimpi ezifuze lezi zeDudula.

Izihloko zakamuva