Uphawu lokuguqa ngedolo seluphelelwa amandla – ngokusho komdlali we-Chelsea uMarcos Alonso

Dylan Bettencourt

UMarcos Alonso angeke esaguqa ngedolo ngaphambi kokuba kuqale umdlalo njengoba lo mdlali wasemuva ekholelwa ukuthi lolu phawu lobandlululo labohlanga seluphelelwe amandla.

Njengoba iqembu le-Chelsea belidlala ne-Spurs ngeSonto ozakwabo baguqile, u-Alonso kunokuba enze lokho ukhethe ukuma aphinde akhombe umyalezo wokulwa nokucwasa emkhonweni wehembe lakhe.

“Angihambisani nobandlululo futhi angihambisani nakho konke ukucwasana. Ngikhethe ukubeka umunwe wami kumkhono wejezi lami lapho okubhalwe khona ukuthu-No to Racism njengoba benza emdlalweni eminingi kanye nasemazweni,” kusho u-Alonso.

“Ngikwenze lokhu ukucacisa ukuthi angihambisani nobandlululo. Ngihlonipha wonke umuntu.”

Lo mdlali oqhamuka e-Spain akusiyena owokuqala kwi-English Premier League ongasaguqi ngedolo. Umdlali wasesayidini eqenjini le-Crystal Palace uWilfriwd Zaha wayeka ukuzibandakanya kulokhu njengoba wayekholelwa ukuthi kwehlisa isithunzi.

Bonke abadlali be-Premier League abasha be-Brentford abazibandakanyi nokuguqa ngedolo. Umdlali okunguye umgadli u-Ivan Toney uchazele abezindaba ukuthi abadlali bazizwa engathi benziwa ilima ngesikhathi izikhulu zihleli phezulu zibukela, zingenzi lutho ukukhombisa inhlonipha kulabo ababhekana nokucwaswa.

U-Alonso uthe akazange atshele amalungu eqembu ngezinhlelo zakhe.

“Uma sisegumbini lokushintsha, sifana njengomndeni owodwa. Nginobudlelwano obuhle nabo bonke. Ngibathanda bonke, kodwa kuze kube imanje asikaze sikhulume ngalolu daba,” kusho u-Alonso.

“Angiboni kunesdingo, kodwa uma ngabe kumele ngikhulume ngizosho lokhu engisanda kukhuluma.”

Amaqembu onke e-Premier League ayaqhubeka nokuthatha ukuguqa njengophawu olumelene nokucwasa. Lesi senzo sathulwa ngoNhlangulana ngonyaka odlule ukuhlonipha ukushona kukaGeorge Floyd ngezandla zamaphoyisa aseMelika.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva