Lubhalwe nguLungani Zungu
Bese kuphele iminyaka uThandeka Shozi (40) ehlukunyezwa isoka abehlala nalo, kodwa ngemuva kokuthi enqabile ukunika isoka lakhe imali yokuthenga utshwala livele lakhetha ukumbulala.
UShozi waseMgungundlovu ushone ngemuva kokushaywa ngesando ekhanda amahlandla amaningi. Igama lesoka lakhe abakwazanga ukulidalula njengoba belingakaveli eNkantolo.
Udadewabo kaShozi, uNtombikhona uthe uShozi akazinakanga zonke izixwayiso abebemtshela zona zokuthi ashiye isoka lakhe elimhlukumezayo.
“Kusiphatha kabi ngoba samxwayisa izikhathi eziningi ukuba alahle isoka lakhe, kodwa akazange asilalele buka manje selimbulele,” kusho uNtombikhona etshela i-Scrolla.Africa.
UNtombikhona ulandisa ngesigameko esishaqisayo ngesikhathi umsolwa eshaye kanzima uShozi emuva kokuthi eye emcimbini engamtshelanga.
“Bengicabanga ukuthi udadewethu uzoshona ngesikhathi emshaya nyakenye. Wangeniswa esibhedlela wachitha izinsuku elulamela khona.”
Uthe udadewabo akakaze afune ukuvula icala ngemuva kokuhlukunyezwa ngumsolwa. Laba bashadikazi banezingane ezimbili eneminyaka emihlanu neneminyaka eyisishiyagalombili.
Umholi womphakathi wakule ndawo uMnu Musa Hlabisa uthe: “Sizamile ukungenelela satshela uShozi izikhathi eziningi ukuthi avulele umsolwa amacala njalo uma emshaya, kodwa akazange akwenze lokho. Siyethemba manje ukuthi uzobhekana nohlelo lwezobulungiswa.”
UHlabisa uthe umndeni nomakhelwane basola ukuthi umsolwa uhlasele uShozi emuva kokuthi enqabile ukumnika imali yokuthenga utshwala.
“Kubuhlungu ukuthi umuntu ubulawelwe utshwala. Indoda enjani nje engabulala umuntu wesifazane ngoba enqaba ukumnika imali yokuthenga utshwala?”
Umsolwa akasebenzi kusukela adilizwa ngo-2020 kulandela ukuqala komvalelandlini ngenxa ye-Covid-19.
Amaphoyisa asiqinisekisile isigameko kanti umsolwa uboshiwe futhi usazovela eNkantolo.
Esithombeni esingenhla: UThandeka Shozi obulewe
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe