Uphatheke kabi oxoshwe esitolo egqoke imvunulo yamaNdebele 

Lubhalwe nguNothando Makhubela

UKgotso Mahlangu (18) oyisishoshovu samaNdebele aphinde abe iciko unqatshelwe ukungena e-SuperSpar enxanxatheleni yezitolo e-Moratiwa, KwaDlawulale, e-Limpopo ngenxa yokugqoka imvunulo yamaNdebele.

“Unqunu!” kusho unogada kuyena.

UMahlangu oqhamuka  KwaNdebele eMpumalanga, uthe uye enxanxatheleni yezitolo e-Moratiwa ekuseni eyobonana nelinye lamakhasimende akhe, kodwa kuthe esalindile wanquma ukuthi angene e-SuperSpar eyothenga amanzi ngoba ubezwa umphimbo wakhe womile.

“Ngesikhathi ngifika esitolo unogada ungitshele ukuthi ngeke angivumele ukuthi ngingene ngoba nginqunu,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngicele ukukhuluma nomphathi. Ngizizwe ngidumele ngoba nginelungelo njengawo wonke umuntu ukuthi ngithenge engikudingayo futhi ngibona sengathi usiko lami lesiNdebele liyadelelwa futhi abantu bayalicwasa.”

Yize sinelungelo lokuziqhayisa ngemvelaphi yethu ngokomthethosisekelo wakuleli, kodwa uMahlangu uthe phambilini uke waxoshwa ngenxa yemvunulo yakhe yesiNdebele.

“Lesi yisigameko sesithathu. Kuqale kwenzeka ku-Gautrain, kwase kuba se-Boulders Shopping Centre e-Midrand futhi manje sekwenzeka enxanxatheleni yezitolo e-Moratiwa. Ngikhathazeke kakhulu ngendlela esiphathana ngayo singama-Afrika. Siyadinga ngempela ukufundiswa ngezilimi namasiko ethu,” usho kanje.

“Okwenzekile kukhombisa ukuntula ulwazi ngomlando namasiko ase-Afrika. AmaNdebele asabhekene nezinselelo eziningi ezithinta imvunulo yawo, amasiko nolimi lwawo.”

Umphathi we-SuperSpar uZakhele Dlamini ucele ukuthi aphawule ngokuhamba kwesikhathi ngemuva kokuphothula imihlangano yakhe, kodwa wavuma kwabe-Scrolla.Africa ukuthi uKgotso unqatshelwe ukungena esitolo.

Esithombeni esingenhla: UKgotso Mahlangu nemvunulo abeyigqokile ngesikhathi enqatshelwa ukungena esitolo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva