Everson Luhanga
Ekhaya kubo umjondolo onegumbi elilodwa lapho ahlala khona nabazali bakhe nezingane zakwabo ezintathu – kanti ikilasi lakhe liyi-container yensimbi eguquliwe kwaba yikilasi elihlala abafundi abangama-67.
Kepha uTshepang Konanisi ovela e-Diepsloot Ext 6 wanqoba zonke izithiyo futhi wazuza o-distinction abahlanu, waphuma phambili ekilasini lakhe.
Manje uphupha ngokufundela i-architecture nokwakha amabhilidi amahle kubandakanya nokwakhela abazali bakhe ikhaya elifanele.
“Igumbi lethu belisebenza njengendlu yokigezela, indlu yokudlela, igumbi lokulala iphinde ibe igumbi lokulala,” uyasho.
“Bekumele ngilinde wonke umuntu alale ebusuku ngaphambi kokuthi ngikhiphe izincwadi zami ngifunde.”
Uthe ngaphandle kokuba sendlini enesikhala esincane, omakhelwane egcekeni labo eliminyene bebedlala umculo uqhume phezulu kanti lokho kwakwenza kube nzima ukugxila ezifundweni.
“Kwakunzima kimi,” uyasho.
UTshepang waya esikoleni nabanye abafundi abangama-66 esikoleni samabanga aphakeme i-Diepsloot No 3, ekilasini elenziwe nge-container yensimbi.
UTshepang uthe noma yikuphi lapho ethola khona ithuba, wayeya ezincwadini zakhe.
“Angikaze ngihambe nabangani bami. Izincwadi zami bekungabangani bami,” uyasho.
Umama wakhe, osebenza emakhishini, nobaba wakhe owayengasebenzi babehlala bemkhuthaza ukuthi enze konke okusemandleni ezifundweni zakhe.
“Ngangibona ubuhlungu emehlweni abo uma ngidinga okuthile esikoleni ababengakwazi ukunginika khona,” uyasho.
“Ngifuna ukwenza izifundo zokwakha. Kade vele ngangithanda izakhiwo.”
Esayintombazane encane wayebukela i-Top Billings ukubona amabhilidi amahle nengaphakathi lawo elihle.
“Ngifuna ukwakhela abazali bami ikhaya elihle ngelinye ilanga,” uyasho.
Ukuphumelela kukaTshepang kumholele enseleleni yakhe elandelayo. Udinga ukuthola abaxhasi abangamsiza ukuthi akhokhele imfundo yakhe.
“Ngiyethemba ukuthi i-Nsfas izongisiza. Uma lokho kungenzeki, futhi umxhasi engaphumeli obala, ikusasa lami kwezemfundo lishabalele,” uyasho.