Lubhalwe nguZukile Majova
Uma kukhona ofanelwe ukushaywa ngesibhakela ekhaleni umholi we-DA uJohn Steenhuisen.
Njengoba esanda kulwa impi yakhe ne-ANC yokulwela uMasipala waseGoli, uMpho Phalatse uyakwazi ukukhipha umuntu igazi ngamakhala.
Manje lowo owayeyiMeya yaseGoli uselungiselela ukuqhudelana noSteenhuisen esikhundleni esiphezulu se-DA.
Kodwa uDkt Phalatse ukhetha impi okungeyona.
Kungenzeka kanjani ukuthi omunye walabo abahamba phambili embangweni wesikhundla sikaNdunankulu waseGoli amoshe amandla akhe elwela ukuba umholi we-DA?
Okokuqala lesi isikhundla esikhulu esingenawo amandla noma ithonya.
Okwesibili impi angeke akwazi ukuyinqoba.
NgoMsombuluko ngesikhathi ememezela izinhlelo zakhe ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi ezoba ngoMbasa, akazange athole ukwesekwa amakhansela e-DA e-Tshwane, Ekurhuleni nase-Mogale City; nabambalwa kwikhokhasi yaseGoli.
Lo mkhankaso omkhulu kangaka osusalelwe izinyanga ezimbili nje uzodinga ukugunyazwa okuphelele i-DA esifundazweni sakubo okulandelwa ukunxenxa izithunywa zezinye izifundazwe lapho angaziwa khona.
Noma angawina kubangwa ithambo elingenayo inyama. Wonke umuntu uyazi ukuthi umholi wangempela we-DA uHelen Zille, usihlalo we-DA Federal Council.
Nguyena ohola iqembu; mnyathele izinzwane ibhantshi lizogcwala umoya.
Cishe uPhalatse nguyena othandwa ukudlula bonke abantu, unamava futhi unekhono lokungenela ukhetho lokuba uNdunankulu womfelandawonye wamaqembu aphikisayo angase athathe izintambo kwi-ANC ngo-2024.
Zonke izinto zikhomba ukuthi kungenzeka ukuthi iGoli liphathwe uhulumeni womfelandawonye ngemuva kokhetho lukazwelonke lwango-2024.
I-ANC yawina isifundazwe ngo-50.09% ngo-2019 futhi yathola u-36.06% wamavoti eGoli okhethweni lohulumeni basekhaya lwangoLwezi ngo-2021.
Kulolu khetho lohulumeni basekhaya i-DA yathola u-28.7, i-EFF yathola u-11.89% ngesikhathi i-ActionSA ithola u-9.43%.
Abavoti baseGoli baphoxeke kakhulu manje ngohulumeni we-ANC ngenxa yokucishwa kukagesi, ukungahambi kahle kokubusa komasipala abakhulu kanye nokungalethwa kahle kwezidingongqangi.
UPhalatse unamakhono okuxoxisana, ukubekezela kanye nolwazi oluzodingeka ukuze kubunjwe uhulumeni wobumbano ongaphatha isizinda somnotho wezwe.
Kufanele atshale imali ukuze aziveze njengomuntu ozongenela ukhetho lokuba uNdunankulu kanye nohlelo olucacile lokutakula iGoli ekucinyweni kukagesi.
Impi phakathi kwakhe noSteenhuisen ayimfanele.
Siyacela Dkt Phalatse: Wonga amandla akho. Ngenela isikhundla sokuba uNdunankulu waseGoli.
Esithombeni esingenhla: UMpho Phalatse
Source: @MphoPhalatse1