UPhalatse nesicelo esisha sokuba iMeya yaseGoli

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Owayeyimeya yaseGoli uDkt Mpho Phalatse usethule esinye isicelo sokuba iMeya yaseGoli.

Abavoti baseGoli banikeze i-ANC u-33% okhethweni lomasipala olwedlule nokuyinto eyayilahlekisela ngengxenye enkulu yamavoti angaphezu kuka-64% emaqenjini aphikisayo. Kodwa abakwazanga ukubumbana nokuyinto eyenze ukuthi i-ANC iphinde iphathe.

Lo masipala onesabelomali sika-R90 billion uphinde wangaba nayo imeya ngemuva kokusula kukaThapelo Amad ngobusuku obandulela ivoti lokungamethembi elenziwe i-ActionSA.

Ikhansela le-Al Jama-ah oqembu lalo elathola ngaphansi kuka-1% wamavoti lizame ukubophela umasipala emalini ebolekiwe engu-R9 billion ukuze kuxhaswe ukulethwa kwezidingo kanye nokwakha idolobha.

UPhalatse uthe iqembu lakhe selimgunyazile ukuthi angenele ukhetho lomfelandawonye oholwa i-DA eGoli. USihlalo we-DA eGoli uFred Nel uthe: “I-DA izophakamisa uDkt Mpho Phalatse kwesokuba iMeya yethu.

“UDkt Phalatse unomlando ofakazelwe futhi uyaziqonda izidingo zabantu baseGoli.”

Kulindeleke ukuthi umasipala waseGoli  ukhethe imeya yawo yesine mhla zimbili kuNhlaba kusukela okhethweni lwangoLwezi ngo-2021.

Izimeya ezintathu ezedlule kube uDkt Phalatse we-DA, uDada Morero we-ANC kanye nemeya esanda kuphuma esikhundleni u-Amad weqembu elincane lamaSulumane i-Al Jama-ah.

U-Amad waliphonsa emgqonyeni icebo elinemininingwane kalowo owayeyimeya uPhalatse lokuvimba amabhizinisi aseGoli nabakhokha intela kusukela ezigabeni eziphakeme zokucishwa kukagesi.

Selokhu kwahamba uPhalatse ngoMasingana umasipala ubhekene nezinkinga zokunqanda ukubhebhetheka kwekholera futhi ukuntuleka kwamanzi kushiye izindawo eziningi zikamasipala zingenamanzi.

UNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi onguSihlalo we-ANC esifundazweni owenza izivumelwano zamadlelandawonye omasipala abaholwa i-ANC eGoli uthe bazovikela iziphakamiso ezimelene noSomlomo kanye noSotswebhu.

IMeya entsha izophuma kumfelandawonye oholwa i-ANC ohlanganisa i-EFF, i-Al Jama-ah, i-PA, i-AIC, i-Good, i-ATM, i-AHC, i-PAC, i-Cope, i-UDM kanye ne-APC.

UPhalatse uhola umfelandawonye owakhiwe i-DA, i-ActionSA, i-ACDP, i-FF-plus kanye ne-IF. Lo mfelandawonye ulahlekelwe i-Cope kanye ne-PA ezijoyine i-ANC.

Esithombeni esingenhla: UMpho Phalatse ekwi-DA Federal Congress ngesonto eledlule

Umthombo wesithombe: @mphophalatse1

Izihloko zakamuva