UPercy Tau kulindeleke ukuba angene eqenjini leBafana Bafana

Menzi Magubane

UPercy Tau odume ngelikaLion of Judah uqale iphupho lakhe eqenjini le-Al Ahly e-Egypt ngoLwesithathu.

Kunenhlansi yethemba lokuthi uTau uzobuyela ekubeni ungqa phambili maduze nje ngemuva kokulimala njengoba eshaye amagoli amabili emdlalweni wakhe wokuqala ngesikhathi iqembu le-Red Devils liguqisa i-Ismaily ngo 4-0 kowokuvula kwi-Egypt Premier League.

NgoLwesibili lo mdlali owake wadlalela i-Brington & Hove Albion ufakwe eqenjini lesikhashana lomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos elizodlala ne-Zimbabwe ekhaya emasontweni amabili kanye nase-Ghana ekuhambeni kwezinsuku ezintathu emdlalweni wokugcina ku-Group G wemidlalo yokuhlungela indebe yomhlaba ye-FIFA.

Amagoli kaTau ngokungangabazeki angamjabulisa uBroos onomsebenzi onzima wokunciphisa isikwati sakhe sibe ngabadlali abangama-23 kanti uzokumemezela lokho ngoMsombuluko. Kulindeleke ukuthi igama likaTau libe khona. Elinye igama abaningi abazobe belindele ukulibona elomdlali we-Kaizer Chiefs uKeagan Dolly.

UDolly useyitholile ifomu yakhe kusenesikhathi futhi ubelokhu ehlohla amagoli njengoba Amakhosi esanda kuvuka. UTau noDolly benza inhlanganisela eyingozi ngesikhathi bekwiMamelodi Sundowns.

Nokho uBroos angase alingeke ukuthi abahlanganise laba bobabili emidlalweni ezayo lapho iBafana izodinga amaphuzu amane ukuze idlulele esigabeni sokugcina semidlalo yokuhlunga.

Uma kwenzeka uBroos enquma ukufaka uTau owaphuthelwa imidlalo ye-Ethiopia ngenxa yokulimala kuzomele akhulume nabaphathi be-Al Ahly.

Kuke kwaba nemibiko yokuthi abaphathi bamaqembu bayakungabaza ukumdedela uTau emuva kokuthi ebuye elimele emdlalweni wakhe wokugcina bedlala ne-Ghana ngoMandulo. Ngemuva kwalowo mdlalo, uTau wahlala cishe amasonto amane enakekela lokho kulimala.

UBroos kuzodingeka ukuba enze isiqiniseko kwi-Al Ahly futhi ayiqinisekise ukuthi okwenzeke ngoMandulo ngeke kuphinde kwenzeke.

Umthombo wesithombe : @percymuzitau22

Izihloko zakamuva