Lubhalwe nguRorisang Modiba
UPenny Ntuli usekhefini njengoba egula futhi uphumule kubo kamama wakhe eThekwini ngemuva kokuvaleleka eqhweni amahora angaphezu kuka-24.
Ubehamba nomngani wakhe umlingisi woZalo uBuyani Masikane besuka eGoli beya eThekwini emngcwabeni ngesikhathi bebhajwa emgwaqeni u-N3 ngaseMontrose.
Umphathi wakhe, uMpho Mhlongo-Njomane, uthe uPenny uphumule futhi ubonana nodokotela.
“Usekhaya manje, uthatha ikhefu ukuze aqinisekise ukuthi useluleme,” etshela iZimoja.
Uqhube wathi abazi okwamanje ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani ekhaya, kodwa bafuna alulame ngokugcwele ngaphandle kwengcindezi.
Ngempelasonto kusabalale amahlebezi angamanga ezinkundleni zokuxhumana okuthi uPenny ushonile ngemuva kokuvaleleka eqhweni ku-N3 ngaseVan Reenen’s Pass.
Nokho umndeni wakhe uzichithe ngokushesha lezi zinkulumo.
Isihlobo abehamba naso sikuqinisekisile kuvudiyo yeTikTok ukuthi uPenny ukhombise izimpawu zokungenwa amakhaza (hypothermia) ngoMgqibelo ngesikhathi besendleleni eya KwaZulu-Natal emngcwabeni womndeni.
Osesithombeni esingenhla: UPenny Ntuli.
Umthombo: X