UPeng Shaui uphephile, kodwa kunemibuzo engaphenduliwe

Dylan Bettencourt

Ngemuva kokunyamalala emehlweni omphakathi cishe amasonto amathathu, isihlabani sethenisi sase-China uPeng Shaui uqinisekise umhlaba ukuthi uphephile ocingweni noMengameli we-International Olympic Committee (i-IOC).

Emasontweni amathathu edlule, lowo owayeyiPhini likaNdunankulu uZhang Gaoli omangalelwe nguPeng Shaui ngokumphoqa ukuthi enze ucansi naye embhalweni  wezokuxhumana osuliwe.

Akazange abonwe noma azwakale esidlangalaleni amasonto amathathu kulandela lo mbhalo, futhi lesi simo sihehe ukukhathazeka okukhulu kwamazwe ngamazwe kubandakanya nasezinkundleni zokuxhumana ngaphansi kwe-#WhereIsPengShaui.

Esitatimendeni, kuqinisekisiwe ukuthi uMengameli we-IOC uThomas Bach ukhulume noShaui isigamu sehora ocingweni lwevidiyo.

“Uchaze ukuthi uphephile futhi uphilile usekhaya kubo e-Beijing wathi angathanda ukuthi anikwe isikhathi nokuthi ahlonishwe,” kufundeka isitatimende.

Kodwa-ke, naphezu kokuvela kwezithombe zomdlali wethenisi echitha isikhathi nabangani bakhe ngempelasonto kanye ne-video call, i-Women’s Tennis Association (i-WTA) isakhathazekile ngenhlalakahle yalo mdlali oneminyaka engama-35 ubudala.

“Kube kuhle ukubona uPeng Shuai kumavidiyo akamuva, kodwa awakunciphisi noma awakuxazululi ukukhathazeka kwe-WTA ngenhlalakahle yakhe nekhono lokuxhumana ngaphandle kokuvinjelwa noma ukuphoqwa,” kusho umkhulumeli we-WTA.

Umkhulumeli wengeze ngokuthi i-video call ayinciphisi isidingo sophenyo olunobulungiswa nolusobala ngezinsolo zikaShaui ezibhekiswe kulowo owayeyiPhini likaNdunankulu.

Izinsolo zikaShaui zisabalale ezinkundleni zokuxhumana zase-China, kodwa okubhaliwe kwasuswa ngokushesha kanti ukuthungathwa kwalo mdlali wethenisi akuzange kulethe imiphumela, okudale ukukhathazeka ngokuphepha kwakhe.

Irekhodi elibi lamalungelo abantu lase-China lenze abantu abambalwa kanye namazwe abheka ukuduba ama-Winter Olympics ahlelelwe uNhlolanja wezi-2022, kanye nemicimbi yezemidlalo yesikhathi esizayo ezweni.

IMelika kanye ne-UK omabili la mazwe acubungula ukuduba i-Winter Games, okusho ukuthi azikho izithunywa ezisemthethweni noma osopolitiki abazoba khona e-China ngesikhathi somqhudelwano.

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva