UPele uhalalisele uRonaldo oqophe umlando ngokuba ngumshayimagoli ovelele

Menzi Magubane

Ngemuva kwezinsuku ezinhlanu nje kuphela zokuphuma kukaCristiano Ronaldo ku-UEFA Champions League kanye neJuventus, lo mgadli osemkatshubomvu kwelikanobhutshuzwayo odabuka e-Portugal ubuye ngamandla ngempelasonto. Lo mdlali oneminyaka engama-36 ubudala manje usengumshayimagoli ohamba phambili emhlabeni, ngemuva kwamagoli amathathu awashaye ngeSonto ebhekene neCagliari amsiza ukwephula irekhodi likaPele lamagoli lokushaya amagoli amaningi.

Le ngwazi yase-Brazil yashaya amagoli angama-767 phakathi kowe-1957 kuya kowe-1977 kwathi ngeSonto uRonaldo weqa isibalo sakhe samagoli saba angama-770 emidlalweni esemthethweni. UPele oneminyaka engama-80, akakwazanga ukuzibamba wahalalisela lo mdlali osewine i-Ballon d’Or amahlandla amahlanu.

“Ngiyakuhalalisela ngokuphula irekhodi lami lamagoli emidlalweni esemthethweni. Ngiyakuthanda kakhulu, ngiyathanda ukukubuka udlala futhi lokhu akuyona imfihlo kunoma ngubani. Engizisola ngakho kuphela ukungakwazi ukukugona namuhla,” kubhala umdlali owaqhopha umlando ngokunqoba izindebe zomhlaba ezintathu kwi-instagram yakhe.

“Impilo kaCristiano eyakhe yedwa. Wonke umuntu uyazenzela uhambo lwakhe. Futhi olwakho uhambo luhle kakhulu.”

Mhla zi-2 kuNdasa uRonaldo ulinganise irekhodi likaPele futhi akuphelanga sikhathi ukuthi abhale ezinkundleni zokuxhumana. Ku-instagram yakhe amaPutukezi abelane ngenjabulo yakhe.

“Ngigcwele injabulo nokuziqhenya njengoba ngivuma igoli elingibeka phezulu ohlwini lokushaya amagoli eMhlabeni, ukunqoba irekhodi likaPele, into ebengingakaze ngiyiphuphe ngisakhula noma ngisemncane ngihlala e-Madeira,” kubhala uRonaldo.

“Ngiyabonga kubo bonke ababambe iqhaza kulolu hambo olumangalisayo nami. Kubalingani bami, kubaphikisi bami, kubalandeli bomdlalo omuhle emhlabeni wonke futhi, ngaphezu kwakho konke, emndenini wami nakubangani bami abasondelene nami: ngithembeni uma ngithi lokhu bengingeke ngikwenze ngaphandle kwenu.

“Manje nglindile imidlalo nezinselelo ezilandelayo! Amarekhodi nezindebe ezilandelayo! Ngikholwa ukuthi, le ndaba isesekude ukuba iphele. Ikusasa likusasa futhi kuningi engisazokuwinela iJuventus kanye nePortugal.”

URonaldo ushaye amagoli angama-668 emaqenjini amakilabhu, washaya amahlanu ngesikhathi edlalela iSporting Lisbon, ayi-118 eManchester United, angama-450 kwiReal Madrid kwathi angama-95 kuJuventus. Uphinde washaya ayi-120 kuPortugal.

Umthombo wesithombe: @footballfactly

Izihloko zakamuva