Doreen Mokgolo
Umlingisi osemnkantshubomvu, uPatrick Shai, usexolisile ngokuthuka umama kaCassper Nyovest, kodwa usefuna ukuhluthana ngequpha nalesi sihlabani somculo saseNingizimu Afrika.
Lo mlingisi owaziwa ngokulingisa ku-Soul City nakwi-Generations, uxolise kwividiyo ayifake ngoLwesibili:
“Ngiyazithoba futhi ngiyaxolisa, lokhu kusuka ekujuleni kwenhliziyo yami, ngiyaxolisa ngokukhuluma amazwi aqine kangaka kumama wakho,” kusho uShai.
Amazwi asetshenziswe ilo mlingisi wodumo ekuseni ngoMsombuluko abehlukile kulawo awasebenzise ukwehlisa isithunzi sikaMama kaCasper, ngesikhathi efuna uCassper avume ukulwa naye eringini.
Kule vidiyo uShai uthe ufuna ukushaya uCassper aze angcolise ibhulukwe lakhe.
“Lesi isifiso sami ngaphambi kokuba ngife: Ngifuna ukukushaya, mfana wami,” kusho uShai exwayisa uCassper.
“Ngifuna lokhu kubhalwe etsheni lami emathuneni,” kusho uShai eqhubeka.
Ngemuva kokukhuluma edelela uCassper, uShai uqhubekile wathuka umama kaCassper waphinde wakhipha namagama ayiziswana.
UShai uxolise kakhulu ngesenzo sakhe kulevidiyo.
“Umusho wami wokugcina ubhidlize into enhle ebengifuna ukuyizuza futhi ngiyaxolisa kakhulu ngohlobo lwamagama engiwasebenzisile.
“Bengifuna ukusebenzisa ividiyo ukuze ngithole ukwesekwa ngomsebenzi engiwenza kwi-GBV, benginezinhloso ezinhle kodwa konke lokho kwafiphibala ngenxa yamagama anenhlamba engiwasebenzisile. Ngiyaxolisa kakhulu,” ukuchaza uShai.
Nokho akazange axolise ngokufuna ukulwa nalo mculi futhi ngesikhathi exolisa uthe ukulwa bekuzoba into efanelekile.”
Yize kungacaci kahle ukuthi kungani uShai efisa ukulwa noCassper, kodwa ufuna ukulwa noCassper kulandela inkulumo eyenziwa nguCassper uqobo efuna ukulwa ne-YouTuber uSlik Talk .
UCassper akazange ahlabeke umxhwele ngokuxolisa kwalo mlingisi.
“Lezi izikhathi ezixakile.
Wonke umuntu uma ephelelwa ngamasu okuduma uvele acabange ukuhlasela ‘uCassper Nyovest,” esho ku-Twitter.