Sizwe Sibiya
Isikhulu sezimayini nomnikazi weMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe nguyena kuphela umuntu ozongenela ukhetho lokuba ngumengameli we-Confederation of African Football.
Lokhu kulandela ngemuva kokuba u-Ahmad Ahmad enqatshelwe ngoMsombuluko ngemuva kokuvinjelwa kwakhe iminyaka emihlanu yi-Fifa ephinde yehlisa kwaba iminyaka emibili, kodwa noma kunjalo akakwazi ukungenela ukhetho.
Ekuqaleni bebebathathu abebengenele lesi sikhundla, manje esiphethwe nguConstant Omari okwesikhashana.
U-Augustin Senghor (umengameli we-Senegalse Football Federation), uJacques Anouma (owayengumengameli we-Ivorian Football Federation) kanye no-Ahmed Yahya (umengameli we-Mauritania Football Federation) bonke bahoxile bakhetha ukusekela isiqumama saseGa-Rankuwa.
I-Fifa kubikwa ukuthi incamela uMotsepe futhi yeluleke laba abanye abathathu ukuthi baseke uMotsepe ukuze bathole ezinye izikhundla ze-CAF, kubika i-AFP ngesonto eledlule.
Ngemuva kokhetho kulindeleke ukuthi uSenghor noJahya babe ngamaphini kamengameli kanti u-Anouma uzoba ngumeluleki kaMotsepe.
Ngemuva kokiswa ngempumelelo u-Ahmad wase-Madagascar, obevinjelwe ngenxa yokungaziphathi kahle nangokusebenzisa kabi isikhundla sakhe, uMotsepe manje usenomunye umsebenzi omkhulu abhekene nawo.
Kumele akhethe umphathi olandelayo weSundowns ngoba akakwazi ukuba yingxenye yeqembu elibambe iqhaza kwi-CAF Champions League.
Ukhetho lukaMengameli we-CAF luzobanjelwa e-Rabat, e-Morocco, ngoLwesihlanu mhla zi-12 kuNhlangulana.
Umthombo wesithombe: @MhlengiNgcobo13