Lubhalwe nguRorisang Modiba
UMfundisi wase-Nigeria uTimothy Omotoso udingisiwe ngemuva kokuboshwa amaphoyisa abokufika e-East London ngomhlaka-10 kuNhlaba.
Utholwe engenacala emacaleni abucayi angaphezu kuka-30. Kodwa ngemva kwephutha le nkantolo eliholele ekukhululweni kwakhe, kuqubuke ukulwa nemibhikisho.
Umfundisi wase-Nigeria ongundabamlonyeni uTimothy Omotoso uxoshwa ngenkani eNingizimu Afrika ngemuva kweminyaka cishe eyishumi ehamba ezinkantolo kanye nokukhala komphakathi.
Lo mfundisi, owasungula i-Jesus Dominion International Church, eThekwini, ukhethe ukudingiswa ngemuva kokuboshwa amaphoyisa abokufika e-East London ngomhlaka-10 kuNhlaba.
UMnyango wezaseKhaya ubuvele umemezele ukuthi ukuba khona kwakhe kuleli akukho emthethweni.
U-Omotoso ubesanda kuphuma phambili emacaleni abucayi angu-32 – okuhlanganisa awokudlwengula, ukuhlukumeza ngokocansi kanye nokushushumbiswa kwabantu yiNkantolo eNkulu yase-Gqeberha.
Abamangalelwe naye, uLusanda Sulani noZukiswa Sitho, nabo badedelwe.
Waboshwa okokuqala ngo-2017 ngemuva kokuvela kwamacala angaphezu kuka-90 ahlobene nobugebengu bocansi kanye nokushushumbiswa kwabantu. Ukuboshwa kwakhe kwasusa ulaka lwesizwe nemibhikisho esabalele.
Kodwa ukubhekana kwakhe nomthetho kwakamuva akuzange kuhambe njengoba bekuhlele iziphathimandla.
Emuva kokuboshelwa ukwephula imithetho yokuthuthela kwelinye izwe, uMnyango Wezasekhaya wehlulekile ukumletha enkantolo engakapheli amahora angu-48.
NgoMsombuluko ekuseni ngo-7am ngomhlaka-14 kuNhlaba ka-2024 u-Omotoso akavelanga enkantolo nokuholele ekutheni akhululwe.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) uLuxolo Tyali ukuqinisekisile ukuthi ukubambezeleka kusho ukuthi kumele adedelwe.
Ngaphandle kwenkantolo, kusuke umsindo ngesikhathi abalandeli be-Economic Freedom Fighters bexabana nabeseka u-Omotoso. Izintatheli zavinjwa ukungena enkantolo.
UKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola ukuqinisekisile ukuthi u-Omotoso uboshelwe ukwephula umthetho wabokufika.
Khonamanjalo, uMnyango wezaseKhaya ulivumile iphutha lawo wathi uzolilungisa lolu daba.
Yize inkantolo yamkhulula yena kanye nasolwa nabo, iJaji u-Irma Schoeman lithe izigameko zabo azizwakali zikholakala kodwa waphawula ukuthi umbuso wehlulekile ukufakazela icala lawo ngaphandle kokungabaza.
I-NPA ithe izosiphikisa lesi sinqumo futhi ilethe abashushisi abakhulu ukuze babuyekeze lolu daba.
Osesithombeni esingenhla: Umfundisi Timothy Omotoso.
Umthombo wesithombe: Ifayela