Lubhalwe nguMichael Madyira
Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates u-Augusto Palacios uvumile ukuthi akanaso isiqiniseko sokuthi uLyle Foster uzodlala kwi-Premier League ne-Burnley FC.
Lo mdlali weBafana Bafana usayine kwi-Clarets ngoMasingana esuka kwi-KVC Westerlo yase-Belgium kodwa wehlulekile ukwenza umehluko.
Ngesikhathi ezama ukulwela indawo yakhe eqenjini uFoster akazange afakwe esikwatini sesizwe sakamuva futhi uye wahlala ekhempini ye-Burnley ngaphambi kokuqala kwesizini.
Imibiko yokuthi lo mdlali (22) angase abolekiswe umphathi uVincent Kompany ivele ngesikhathi ukaputeni wangaphambilini we-Manchester City akha iqembu elizonikeza ukuncintisana okunzima kwi-Premier League.
UPalacios oseke waqeqesha uFoster nobenomsebenzi wokuthuthukisa lo mgadli ku-Orlando Pirates ubukeka engamethembi lo mdlali.
“Lo mdlali usayine ku-Burnley futhi uKompany wamsayinisa kanti lokhu kusho ukuthi unethalente,” kusho uPalacios etshela i-Scrolla.Africa.
“Kodwa akekho ongaqagela ukuthi kuzokwenzekani kule sizini. Lo mdlali unethalente futhi akungabazeki lokho. UKompany ubemhlola e-Belgium wase ebona amandla akhe yingakho amsayinisa.
“Manje ukuzilungiselela isizini ezayo sekuqalile futhi uzosebenza naye kanti siyethemba ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukwakha nokushaya amagoli.
“Kodwa akekho ongaqagela ukuthi uzolishaya yini igoli kwi-Premier League. UBenni McCarthy, uShaun Bartlett, u-Andre Arendse kanye noLucas Radebe badlale khona. Akekho ongabikezela.”
UPalacios usho lokho enomuzwa wokuthi uFoster kufanele enze konke okusemandleni ukugcina indawo yakhe eqenjini lokuqala ku-Burnley.
“Ungumdlali onesimilo esihle, osebenza kanzima nonomoya omuhle. Siyafisa futhi siyethemba ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe kwi-Premier League.
“Kuncike ekutheni unethemba yini nokuthi uzimisele yini ukusebenza kanzima. Uneminyaka engu-22 kuphela futhi wayeshaya amagoli e-Belgium. Manje udinga ukuya kwelinye izinga futhi kuyithuba elihle kuye.
“Uyazi ukuthi udinga ukusebenza kanzima nokuthi enze kahle ukuze igama lakhe libe likhulu kwi-Premier League,” kusho uPeruvia.
UFoster umeme uPalacios eNgilandi ngasekupheleni kwesizini edlule futhi umqeqeshi uye wabona umzuzu omuhle wokunikwa indebe kwe-Clarets njengompetha bomqhudelwano.
Esithombeni esingenhla: ULyle Foster
Umthombo wesithombe: Burnley FC