UOscar Pistorius kungenzeka aphume ejele ngowe-2023

Everson Luhanga

UOscar Pistorius ophila nokukhubazekile obungazwa umhlaba wonke wagwetshwa iminyaka eyi-13 ebhadla ejele ngoLwezi ngowe-2017 ngecala lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp.

Njengamanje iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamacala isimemezele ukuthi izosinciphisa isigwebo sakhe ngemuva kokuvela ukuthi isinqumo saphambilini sehlulekile ukucubungula izinsuku ezingama-506 abesezihlalile ngokubulala uSteenkamp.

Ukuthuthuka okwenzeka ecaleni likaOscar kungavula izilonda ezindala emndenini wakwaSteenkamp ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili adutshulwa wabulawa endlini yakhe yokugezela ngoSuku Lwezithandani ngowe-2013.

Ngaleso sikhathi uPistorius uthi wayecabanga ukuthi ungumuntu oyisigebengu owayezongena ngaphakathi, wadubula kane.

Kodwa-ke, akuqinisekile noma uzokhishwa noma cha ngowe-2023.

USingabakho Nxumalo woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uthe: “UMnyango awusoze waphika noma uqinisekise usuku nenyanga yokubhekelelwa ngoshwele ngoba kunezinqubo okumele zilandelwe.

“Zonke iziboshwa eNingizimu Afrika zikulungele ukucatshangelwa ngoshwele ngemuva kokuhlala  okungenani isikhathi esidingekayo.

“Lokhu akuqinisekisi ukuthola ushwele. Kuyilungelo okufanele litholakale ngokulandela imiyalo yethu futhi ekugcineni, nokulungela kwesiboshwa ukubumbana nomphakathi.”

Umthombo wesithombe: @OscarTrial

Izihloko zakamuva