Dylan Bettencourt
Isifundazwe sase-Florida eMelika sakhipha isinqumo sokuthi abantu abancane abakulungele ukuthi bahushule izisu, kodwa bakulungele ukuba bakhulise umntwana.
INkantolo yathola ukuthi izingame ezincane zisuke zingakhulile ngokwanele ukuzithathela isinqumo sokuba uyafuna yini ukuhushula isisu noma cha.
Le ntombazanyana oneminyaka engu-16 ephinde ibe intandane ibinamasonto ayishumi ikhulelwe ngesikhathi icela ukuthi iNkantolo iyinike imvume yokuhushula isisu njengoba umthetho uthi izingane ezingaphansi kweminyaka engu-18 kumele zithole imvume yabazali uma zizokhipha izisu.
INkantolo isichithile lesi sicelo yanquma ukuthi le ntombazanyana ayizange inikeze ubufakazi obucacile nobugculisayo.
IJaji leNkantolo yokudlulisa amacala uScott Makar uvumelene nesinqumo.
UMakar uthe le ntombazanyana yathi ibingakulungele ukuba nomntwana ngoba isafunda isikole futhi noyise akakwazi ukusiza. Uthe intombazane ihlala nesihlobo ithe akekho ongayisiza.
IJaji uJennifer Frydrychowicz naye wathola ukuthi le ntombazane ibonisa ukuthi ikhule ngokwanele ukuba yenze lesi sinqumo futhi iJaji likhathazekile ukuthi angeke ikwazi ukukhuluisa ingane.
Womabili amaJaji anqume ukuthi le ntombazane ingabuya ngokuhamba kwesikhathi izochaza ngesicelo sayo.
Ingane ekhulelwe inamasonto angaphansi kwamane njengoba i-Florida ivimbela noma ikuphi ukukhipha isisu esidlule isigaba samasonto angu-15.
Ukuvinjelwa kwaqala ukusebenza mhla zizinye kuNtulikazi kulandela iNkantolo Ephakeme yaseMelika eyachtha isinqumo sika-1963 sika-Roe vs Wade esadala ilungelo lokuhushulwa kwezisu.
Imitholampilo eminingi yokuhushula izisu isimemezele izinhlelo zokuthuthela ezindaweni lapho ukuhushulwa kwezisu kusemthethweni ukuze kusizwe abesifazane ukuthi bathathe lesi sinqumo ngaphandle kokugxambukela kwezomthetho.
Umthombo wesithombe: @CNBC