UNyovest ufuna uBig Zulu esitikini

Linda Ximba

Abalandeli bayazibuza ukuthi ngabe uCassper Nyovest unesifiso sokushona yini ngemuva kokuthi ephonsele umrepha uBig Zulu inselelo empini yakhe elandelayo yosaziwayo.

Njengoba engu-1.52m ngobude umrepha uNyovest ukhulume ngesibindi ukuthi engathanda ukulwa nale nsizwa ewumZulu ngemuva kokushintshana ngama-diss amabili ekuqaleni kwale nyanga.

UNyovest usole uBig Zulu ngokuhlukumeza abesifazane “nge-4 steps back” ngemuva kwamasonto amabili uZulu ekhiphe “i-150 Bars”.

UNyovest akakaze awine eringini kuze kube manje, njengoba ehlulwe uNaakmusiq e-Sun City ekuqaleni kwalo nyaka.

Njengamanje umatasa ulungiselela impi yakhe lapho azobhekana khona nomunye umrepha uPriddy Ugly, ogama lakhe langempela nguRicardo Moloi.

Laba baculi bazihlangana  emqhudelwaneni omkhulu wesibili i-Celeb City mhla zizinye kuMfumfu e-Sun BET Arena ePitoli.

Ebhala ezinkundleni zokuxhumana, uNyovest uthembise ukuliphonsa ithawula uma ehlulwa uPriddy. Kodwa uma ewina ufuna ukulwa noBig Zulu.

“Uma ngihlulwa ngizosiyeka unomphela isibhakela, uma ngiwina ngifuna ukulwa noBig Zulu ngokulandelayo.”

UNyovest ube esesho into wonke umuntu abeyicabanga: “Akekho ofuna ukulwa noZulu ngakho ngizolwa naye mina.”

Ngemuva nje kwempi kaNyovest noNaakmusiq ngoMbasa, uBig Zulu uphonsele inselelo noma yimuphi umculi ukuthi alwe naye. Ngokungamangalisi, akekho owamukele inselelo.

Lezi zimpi zosaziwayo zihlangatshezwe yisasasa elikhulu kubathandi bezemidlalo nabathandi bomculo. Abaningi bazizwa sengathi isibhakela esikhokhelwayo, esidonsa kanzima ukuheha abaxhasi kuleli sizohlomula kule mibukiso.

I-Boxing South Africa, okuyiyona elawula ezemidlalo kuleli, isiphumele obala yaseka imibukiso yalolu hlobo.

Izihloko zakamuva