Unyaka engifunde kuwo okuningi ngempilo

Zuzile Ndlela

Unyaka odlule awufani neminye. Emhlabeni wonke sihlangabezane nezinselelo nobunzima. Lo nyaka uveze izinselelo ezithile kumina.

Kodwa ngenxa yalezi zinselelo ngifunde okuningi ngathola ukukhula okukhulu empilweni. Ngiyaziqhenya ngendlela engikhule ngayo.

Ngezikhathi ezinzima ngiyaziqhenya ngezinto ezihambe kahle, ezingahambanga kahle, nalokho engikufundile.

Unyaka odlule ube unyaka engifunde kuwo okuningi ngempilo, ngakhula ngezindlela ezahlukene ngahlangabezana nezinguquko eziningi. Ngakho-ke ngifuna ukwabelana ngendlela engizijwayeze ngayo ushintsho.

Sihlaselwe ubhubhane oluvale izingxenye eziningi zezwe lethu futhi lwadala ukuphazamiseka okukhulu endleleni yethu yokuphila, kodwa kuye kwadingeka ukuba ngibekezele ukuze ngizijwayeze nezimo ezintsha.

Ngichithe isikhathi esiningi nomndeni nabangani. Ukwamukela isimo njengoba sinjalo kungifundise ukubekezela nokuba nethuba lokuchitha isikhathi nomndeni, nokukhumbula ukuthi impilo imfushane. 

Ngemuva kokuthola umsebenzi kwa-Scrolla.Africa ngakwazi ukuthola indawo yami yokuhlala ngakwazi nokuzimela, futhi ngazizwa ngibusisekile ngokukhulu ukubonga ngokuzuza konke lokhu ngesikhathi lapho izinga lokuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika lehle kakhulu.

Ngizimatanise nabantu abahlakaniphile nabantu engibathembayo nengibathandayo abangifundise ukuzinakekela, ukufeza amaphupho ami kanye nokunakekela ikusasa lami.

Ngizochitha isikhathi samaholidi namalungu omndeni wami. Umndeni wami uyazifela ngokudla ngakho-ke njalo ngesikhathi sikaKhisimusi sijwayele ukukhipha izitsha ezikhethekile esizikhipha kuphela kanye ngonyaka. Sihlaba inkomo njengesiko lasekhaya, bese siphakele abantu izinhlobonhlobo ezahlukene zokudla njengedombolo, ujeqe, inyama eningi, kanye nomqombothi – ubhiya wesintu wase-Afrika.

Khumbula ukuthi uma izinto zingahambi kahle futhi kubonakala sengathi konke kungaphezu kwamandla akho, ugxile kulokho ongakwazi ukukulawula kanye nezinto ozenzile empilweni yakho. Uphinde uzitshele ukuthi uzokwazi ukudlula kunoma isiphi isimo obhekene naso empilweni yakho.

Izikhathi ezinzima esidlula kuzo zisifundisa okuningi ngempilo ziphinde zenze izimpilo zethu ziphileke kangcono

Izihloko zakamuva