Unxusa umasipala ukuthi ususe i-transformer egcekeni lakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UNomayenzeke Sipele ucela umasipala waseKapa ukuthi ukhiphe i-transformer egcekeni lakhe.

USipele wase-Hazeldene, eKapa uthe i-transformer imulethela izinkinga kuphela selokhu kwasungulwa imijondolo yase-Ramaphosa eminyakeni emihlanu edlule.

Isicelo sikaSipele siza ngemuva kwesigameko lapho owesilisa wase-Ramaphosa adutshulwe khona wabulawa amaphoyisa ezintatha zangoLwesithathu ngeledlule. Yena nabanye bebezama ukweba ugesi ngowukuxhuma kwi-transformer esegcekeni likaSipele.

“Ngiphila ngokwesaba. Abantu bacabanga ukuthi yimina obize abakwa-SAPS,” esho.

“Mina ngiyisisulu ngoba i-transformer ingaphakathi egcekeni lami. Angizange ngixhumane nabakwa-SAPS. Bebegadile njengoba bejwayele ukwenza uma kunokucishwa kukagesi.”

Sekuphele iminyaka eminingi umuzi wakhe oyindawo okuthathwa kuwo ugesi ngokungemthetho kanti manje usesabela impilo yakhe selokhu kwenzeke lesi sigameko.

“Akekho umuntu okumele aphile njengami. Angilali ngoba njalo ebusuku kuhlezi kunabantu egcekeni lami. Manje njengoba omunye wabo ebulewe angazi ukuthi basuke bezele ukuzoxhuma ugesi noma ukuzongihlasela,” esho.

USipele uthe akazi ukuthi sekukangaki umuzi wakhe ucishe usha ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho futhi uzizwa eyisisulu esilula sabantu basemijondolo.

“Ekuqaleni babexhuma esigxotsheni sikagesi phambi komuzi wami. Manje isigxobo asikho sekufakwe ugesi ohamba ngaphansi komhlaba ngakho bangena egcekeni lami,” esho.

Isakhamizi sasemijondolo yase-Ramaphosa esicele ukungadalulwa sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi amaphoyisa akwa-SAPS abamangazile ngosuku lwesigameko.

“Abantu bakithi baya kuleya ndawo ukuyoxhuma ugesi njengoba kwenza abanye abantu basemijondolo abaxhuma ezindaweni eziseduze. Bajwayele¬†ukubona amaphoyisa eza ngenxa yamalambu aluhlaza kodwa ngelanga lesigameko abawabonanga,” esho.

Umasipala waseKapa uthe kuneziteshi ezincane ezine endaweni yase-Hazeldene ezingxenyeni ezahlukene zomhlaba futhi azikho ezisendaweni yezakhamizi.

Umasipala uthembise ukubheka ukuthi kungenzeka yini ukwazi ukususa lesi siteshi uma usuthole indawo esikuyo ngqo bese uhlola isimo bese uxhumana noSipele.

Esithombeni esingenhla: UNomayenzeke Sipele unxusa umasipala waseKapa ukuthi ususe i-transformer egcekeni lakhe

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva